Ezokungcebeleka Umculo

Siyaqhubeka isikhalo soxhaso kubahleli bemicimbi

Fanelesibonge Bengu|Published

UZAMAJOBE ecula kwiDurban Jazz Festival eMgababa Coastal Resort

Image: Sithunyelwe

UMHLELI weDurban Jazz Festival uthi ukugqoza koxhaso kuzoyiqeda imicimbi emikhulu ezakhele igama KwaZulu-Natal.

UMdu Ngcobo ukusho lokhu ngemuva komcimbi wakhe obuye kulandela ukubhuntsha kwawo ngemizuzu yokugcina ngonyaka odlule.

Le ndumezulu, ebigubha iminyaka engu-22 ikhona, ibijwayele ukuba seHazelmere Dam, kodwa yathutha ngenxa yokunyuswa kwedamu. Kulokhu ibiseMgababa Coastal Resort, ngoLwesihlanu.

ABANYE abebethamele iDurban Jazz Festival noT'zozo

Image: Sithunyelwe

Uthe abazi noma bazobuyela yini eMgababa kodwa konke kuncike oxhasweni abalutholayo.

Kulokhu uMasipala weTheku ubugunyaze ukuthi uxhaswe ngo-R1 million.

“Leya ndawo imnandi kakhulu kodwa ngokokumumatha abantu bedamu ngeke ibafake bonke. Yinhle impela kodwa asifuni ukusho ukuthi sihleli noma siyahamba. Sizobona ngoxhaso esilutholayo ngoba uma uya endaweni enkulu nezindleko ziba nkulu. Uchitha imali eningi ngokwengqalasizinda,” kusho uNgcobo.

Uthe akusizi ukuzifaka ezikweletini imali ibe ingavumi. Uthe nakhona abebenayo ibingenele.

U-SIMMY ejabulisa abantu abebehambele iDurban Jazz Festival

Image: Sithunyelwe

“Kulula ukukhala ubuze ukuthi uphi uLira noma uphi uZonke? Abaculi be-jazz babiza o-R300 000. Uzobuya kanjani ngoba abantu abafuni futhi ukukhokha kakhulu? Kuyona imali oxhaswa ngayo kusamele uphinde unakekele ngayo abantu ubanika amathikithi ubahlinzeke ngokudla neziphuzo. Ugcina uno-R600 000 wokusebenza nakhona owuthola umcimbi usudlulile.”

Uthe izindleko zinyukile kodwa uxhaso luncane. Uthe ngenxa yalokho miningi imicimbi ezoshayeka.

“Njengoba neFact Durban Rocks isiphela nje nathi ngelinye ilanga uyozwa kuthiwa sesihosha imfe. Kuyofa iTheku uma imicimbi ingasekho. Kumele siyivikele imicimbi enjalo. Ikhona eminye evelile ngiyayijabulela. Kuba lula uma uqala kodwa izindleko ziyanyuka uma uqhubeka ngoba izinga kumele linyuke. Siyabonga kodwa ngabasinika khona ngoba siyakwazi ukwenza okuncane.”

ISILOMO seR&B, uJoe Thomas, sinandisa eDurban ICC, ngoMgqibelo ebusuku

Image: Facebook/Gagasi FM

Umcimbi uqhubeke ubhekene nezihibe njengoba imvula iphazamise i-sound system kwathatha isikhathi ukuthi ilungiseke.

“Abaculi kodwa bagcine becule bonke kamnandi yize bese kube nokubambezekela ngenxa ye-sound engenwe amanzi.”

Khonamanjalo: Abantu badele imvula emcimbini i-Social Link Old Skool Picnic obuqala, obuqala ukuba khona eMunies Hockey Club, ngoLwesihlanu.

ULWAH Ndlunkulu ebhulela uJoe Thomas amazolo eDurban ICC

Image: Facebook/Gagasi FM

Bekunandisa uZola, Malini, DJ Cndo, DJ Happy Gal nabanye abaningi. Uhlelo beluphethwe uTha Simelane, Mondli Mzizi noSwazi M.

Esitatimendeni, abahleli babonge bonke abadlale indima yokuthi ube yimpumelelo.

Babonge nabahlale kwaze kwaphela beziba imvula.

NgoMgqibelo abathandi bobumnandi bathuthelane eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, lapho bekunandisa khona isihlabani seR&B, uJoe Thomas.

Ubhulelwe amazolo uLwah Ndlunkulu.

BESINGABEKEKI isinqa, abantu bedansa emcimbini kaJoe eThekwini, ngoMgqibelo

Image: Facebook/Gagasi FM