UPAMELA Mtanga noScoop Makhathini abebephethe uhlelo kumaSouth African Music Awards emasontweni amabili edlule
Image: Instagram
KUNGAKAPHELI sikhathi esingakanani kusingathwe umcimbi wemiklomelo amaSouth African Music Awards (Sama), abahleli bawo sebeqalile ngamalungiselelo angonyaka ozayo njengoba sebevule imingenelo.
AmaSama obekungaka-31 nonyaka, abeseGallagher Convention Centre, eMidrand, emasontweni amabili edlule.
Asuse okukhulu ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana abanye bethi bebengazi ngawo.
Umculi uZakes Bantwini ungomunye wabaphumele obala ngokubhala incwadi ayinameke ezinkundleni zokuxhumana.
Kuyona, uZakes ukhale ngokwehla kwesasasa ethi akungagxekwa abahleli kodwa nabaculi ngokungafiki.
Ukungenela imimklomelo yangonyaka odlule kuvulwe kuze kube uJanuwari 31, wonyaka ozayo.
Abavunyelwe ukungenela ngabakhiphe umculo phakathi kukaFebhuwari 1 noJaniwari 30, 2026.
Kungenelwa emmahovisi akhona eRandburg, noma kwi-website yamaSama.
Isikhulu seRecording Industry of South Africa (RiSA), eyengamele amaSama, uNhlanhla Sibisi, sithe babe nonyaka omuhle abawusonge ngokwenza umcimbi wamaSama ka-31.
“Manje sinomfutho futhi sibheke ukuqala ngamalungiselelo amaSama 32. Eminyakeni edlule, sibone izibalo zemingenelo zinyuka futhi sithemba ukuqhubeka nalokhu. Kuyindlela esiyamukelayo ekhombisa ukuthi indima iyayithemba indlela esenza ngayo. Sinxusa bonke abasendimeni ukuthi basondele futhi benze isiqiniseko sokuthi amaSama 32 aqopha umlando,” kusho uSibisi.
AmaSama avula imingenelo nje, kumaMetro FM Music Awards nakhona kuvuliwe kuze kube uFebhuwari 3.
Imiklomelo ibuyela eThekwini, iminyaka emithathu, izoba ngo-Ephreli 25.
Related Topics: