Ezokungcebeleka Umculo

Igcokama Elisha nogwayi katiki kwabakloloda ngomculo walo

Simangaliso Ntshangase|Published

KUSUKELA kwesokunxele; ngowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, nobemele ubukhosi baseMdletsheni uMnuz Masheshisa Mdletshe, bephahle umculi kamaskandi uMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele esithangamini sabezindaba abasibize eMhlanga, eThekwini, ngoLwesihlanu

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

“UKUJABULELA impumelelo yami budlabha ngokuthi niklolodele abanye abantu kunidalela amazinyo abushelelezi, okugcina kufaka nami engcindezini yokuhlale ngingena ezimpini okungamele engabe ngingena kuzona, nezingcolisa igama lami nelobuciko bami.”

Usho njalo umculi kamaskandi ongomunye wabangaconsi phansi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, edlulisa umyalezo oyisexwayiso asibhekise kubalandeli bakhe, ngenkathi ekhuluma esesithangamini sabezindaba abesenze eMhlanga, enyakatho yeTheku, ngoLwesihlanu. 

UMthandeni ubebize lesi sithangami ukuzokwazisa abantu nabalandeli bakhe ngezinhlelo nangamalungiselelo omcimbini wakhe waminyaka yonke, iMthandeni Summer Experience, okhuza ibuya ihlandla lesithathu nonyaka nazowenza ngakubo enkundleni yezemidlalo, iMkhaliphi Stadium, eMdletsheni, KwaHlabisa, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ngoMgqibelo, wangoJanuwari 3.

“Ngiyazi ukuthi sihlangene lana ngezinhlelo zalo mcimbi omuhle nomkhulu kangaka kepha ngibona kusemqoka ukuthi ngiqale ngidlulise okusenhlizweni yami ngalezi zinto engibona zenzeka emphakathini ngenxa yabalandeli bami abasebenzisa kabi impumelelo yami, okuze kwenze ukuthi zingapheli izimpi nokuklwebhana okugcwele emculweni wethu njengamanje,” usho kanje.

KUSUKELA kwesokunxele; ngowayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, nobemele ubukhosi baseMdletsheni, uMnuz Masheshisa Mdletshe, bephahle umculi kamaskandi uMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele esithangamini sabezindaba abesibize eMhlanga, eThekwini, ngoLwesihlanu

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

Liqhuba, lithe lokhu likudlulisa ngoba selifike esigabeni lapho lingasazimisele nhlobo ukuthi lizibandakanye ekukhulumeni nasezingxabanweni, kunalokho elikubheke kakhulu nje manje wukuthi liqhubeke nokujabulisa abantu ngomculo omnandi, njengoba kumanje lisematheni ngengoma yalo entsha ethi Dubai, eliyishaya nomculi wama-piano uMaWhoo.

Lokhu kwenzeka nje futhi Igcokama lisanda kuqopha umlando ngengoma yalo ethi Gucci, eliyishaya naye uMaWhoo, elihlabane ngayo ngendondo yeRecord of The Year neye-Best Music Video of The Year kumaSouth African Music Awards, obekungokuqala ukwenziwa wumculi kamaskandi ukunqoba lo mklomelo okwesibili kulandelana kowengoma yonyaka, nobengokuqala ukuthi kwenziwe yiciko likamaskandi kulo mkhakha we-video yonyaka.

Imenenja yalo mculi, uSimphiwe Masondo, ithe konke kuhamba kahle ngamalungiselelo omcimbi iMthadeni Summer Experience, njengoba sebeqalile futhi ukwethula amaciko azonandisa kuwona. Amathikithi omcimbi aqala ku-R100 no-R150 emnyango awe-general, kube wu-R500 ele-VIP no-R800 awe-VVIP atholakala eTicketPro naseSpar.

Ingxenye yamaciko osekumenyezelwe ukuthi azobe enandisa kulo mcimbi woMzukulu, Menzi, Umafikizolo, Jaiva Zimnike, Sminofu, Mnotho, Jikijiki, Mjolisi, Shenge WaseHlalankosi, Amasinamuva Amasha, Jumbo, Ayanda Ntanzi noThinah Zungu.

Kanti kuvele nokuthi kulo nyaka lo mcimbi uxhaswe yiHhovisi likaNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, kube wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal nenkampani yabangcwabi, Amathole Funerals.