UJOLIZA owanqoba umncintiswano Ushuni Womhlaba kwiSABC1
Image: Instagram
UMCULI owanqoba umncintiswano weSABC1, Ushuni Womhlaba, uthi usebenzisa izimfundiso zosiko lwakubo ukubhala umculo oxoxa indaba.
UThandikhaya “Joliza” Magayiya waba ngowokuqala ukudla umhlanganiso kulo mncintiswano ngonyaka odlule.
Kwenziwa inhlolokhono eGauteng, Eastern Cape, Mpumalanga naKwaZulu-Natal, kuthungathwa abazoba yingxenye yawo.
Kwithelevishini uhlelo lwalwethulwa wuMandla Magwaza obengumsakazi kuKhozi FM nomsakazi weMetro FM, uMpumi Mlambo.
Amajaji, uSho Majozi, Big Zulu, Phuzekhemisi noMsaki, yiwona ayethweswe ijoka lokubheka abanethalente.
UJoliza wahlabana ngo-R500 000 nenkontileka yokuqopha eGallo Recording Company.
Lo mculi oneminyaka engu-34, ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala eGallo ethi Ushuni WeBhaca wafolosa ngomucu othi Tumelo. Ulandele ngeMakukhanye.
“Ukuxoxa izindaba ezifana neTumelo neMakukhanye kuqhamuka ezintweni engidlule kuzo nosiko lwesiBhaca. Isiko lethu lisifundisa ukungapheli amandla, ukuziqhenya nokuba nethemba. Leyo mfundiso yakhe uthando, ukuvuka uma ukade uwile nokubambelela ethembeni. Ngisho ezimweni ezinzima kodwa okukugqugquzelayo ngaphakathi akumele kuphele futhi yiwona mongo we-albhamu yami,” kusho uJoliza odabuka KwaBhaca (Mount Frere).
Kwi-albhamu upike athi Mankayi, Buselaphi, Dumza Maswana noTshego AMG.
Uthe ulandela ezinyathelweni zoBusi Mhlongo noRingo Madlingozi ngokuhllanganisa umculo wakudala nesigqi samanje.
“Ukuhlonipha isiko lwesiBhaca kuwumsebenzi wami. Ngifuna amaculo asendulo, izigubhu nolimi kungashabalali kodwa ngikuhlanganisa nesimanje. Umculo wami iBhacasoul wenza ukuthi imuva likhulume nemanje ukuze kuzwakale kukusha kubantu abasha kube kugqugquzela futhi kuqhuba imvelaphi yethu,” kusho yena.