Ezokungcebeleka Umculo

Kuphonselwe inselelo iGagasi ngokulandela isinqumo seMetro FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UTHOKOZANI 'Somnandi' Langa oneminyaka eyibambile kumaskandi

Image: Sibonelo Ngcobo

IZINGWAZI zikamaskandi zijabulela isinqumo seMetro FM sokwandisa lolu hlobo lomculo emsakazweni nokwethula umunxa wawo kumaMetro FM Music Awards.

Isikhulu sezemisakazo engaphansi kweSABC, uNada Wotshela, senze lesi simemezelo ngesikhathi kwethulwa amaMetro FM Music Awards kumenyezelwa ukuthi asebuya eThekwini.

Le miklomelo eyagcina kuleli dolobha ngo-2017, izobanjwa iminyaka emithathu kusuka ngo-2026. UMasipala weTheku uzoyixhasa ngo-R20 million unyaka ngamunye.

UNada uthe bethule umunxa weBest Maskandi noweBest Lekompo.

Umakadebona kamaskanda uThokozani “Somnandi” Langa uvele wababaza ezwa lezi zindaba.

“Ayi, cha! Sidlulisa ukubonga kakhulu kuNkulunkulu ngokuhambela kuyo yonke imizi uma izikhulu sezize zabona ukuthi umaskandi uyisiko. Uhleli emagugwini nasezimpandeni zobuthina. Konke okunye kuyimfakela,” kusho uSomnandi.

Uthe bayabonga yize kuyisinqumo okumele ngabe kade sathathwa.

“Besigwetshwe iminyaka. Vele kuningi lapho ebesigwetshwe khona sagcina sikhululekile. Nokuhlukanisa unyaka besigwetshiwe kukhona. Kunezingoma ezashisa izikhotha eminyakeni edlule ezilimele okungeke kusalungiseka. Siyabonga. Nabasele sengathi bengalandela babone ukubaluleka nobukhulu bukamaskandi. Ngisho kulo iGagasi nabanye,” kuqhuba uSomnandi.

UZibokwakhe “Phuzekhemisi” Mnyandu naye uzwakalise ukujabula waphonsela isiteshi inselelo yokuthi singalokothi sibakhohlwe njengabaculi abadala.

“Sasikade sikufuna lokhu ngoba sasicindezeleke isikhathi eside. Abangacindezeli-ke abenza umaskandi ukuthi ube yile nto oyiyo namhlanje. Yithina esavula indlela. Ugandaganda ufike umbe umgwaqo bese kuthiwa awungasahambi khona ngoba ubulala itiyela. Akungabi njalo,” kusho uPhuzekhemisi.

Ukungenela amaMetro FM Music Awards kuvuliwe futhi kuyoze kuvalwe ngoFebhuwari 3.

Abaphumelele bazomukela izindondo emcimbini ozoba ngo-Ephreli 25.