Ezokungcebeleka Umculo

Sekuzoklonyeliswa nomaskanda kumaMetro FM Music Awards abuya eThekwini

Fanelesibonge Bengu|Published

UNada Wotshela ophethe imisakazo engaphansi kweSABC

Image: Sithunyelwe

UZOTHI ukwanda kancane umculo kamaskandi odlalwa kwiMetro FM kulandela ukwengezwa komunxa wawo kumaMetro FM Music Awards abuya eThekwini iminyaka emithathu kusuka ngo-2026.

Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba sokwethula le miklomelo ebesisehhotela i-Oyster Box, eMhlanga ngoLwesine ebusuku.

Isikhulu sezemisakazo eSABC, uNada Wotshela, sithe bazokwengeza umunxa weBest Maskandi noweBest Lekompo, okuwuhlobo lomculo oludume kakhulu eLimpopo.

Ubonge uhulumeni waseMpumalanga ngokubasingatha iminyaka emithathu eyedlule.

IMenenja kaMasipala weTheku, uMusa Mbhele, ithe bayajabula ngokubuyisa amaMetro FM Music Awards ‘ekhaya’.

Le miklomelo yagcina ukuba seThekwini ngo-2017.

“Umkhandlu kamasipala uphasise ubudlelwano beminyaka emithathu. Kuzoba wuR60 million kule minyaka emithathu (R20 million ngonyaka),” kusho uMbhele.

Uthe ukuba khona kwawo kuzohlomulisa kakhulu iTheku ngokumaketheka, ukuthuthuka komnotho kuphinde kuzuze namaciko.

Imiklomelo kuqinisekiswe ukuthi izoba ngo-Ephreli 25 nokulindeleke ukuthi izivakashi zihlale isikhathi esithe xaxa kwazise ngoMsombuluko ka-Ephreli 27 kuzobe kuyiholidi loSuku lweNkululeko.

Esithangamini nabezindaba sokwethula umcimbi uhlelo beluphethwe wumsakazi weMetro FM uDJ Sabby nowayengumsakazi uHope Mbhele.

Bekukhona izicukuthwane ezahlukene kwanandisa uSkye Wanda.