Ezokungcebeleka Umculo

Amandla o-TikTok achumise owaseBotswana ngomculo eMzansi

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI wama-piano ne-house uJinger Stone

Image: SITHUNYELWE

UKUSEBENZISA amandla enkundla yezokuxhumana ukuveza ubuciko bakhe bomculo esahlala kubo eMolepolole, eBotswana, ngelinye lamacebo asize umculi wamapiano ne-house uJinger Stone olokhu echume njalo selokhu eqale ukugqama emculweni nonyaka.

Lokho kushiwo yileli ciko lixoxa neSolezwe Ngempelasonto mayelana nohambo lwalo emculweni, lapho lidalule khona ukuthi umculo ubuvele usenhliziyweni yalo kusukela liselincane, okwenze laxhumana nenkampani yezobuciko i-Purple Lining Communications.

"Kuthe sengisenyuvesi kule minyaka embalwa edlule, ngaqala ukwenza ama-video ami ngicula izingoma zamaciko ehlukene bese ngiwafaka emakhasini ezinkundla zokuxhumana ikakhulu kwiTikTok, okungisize ngokuthi ngihlangane nabaphathi bePurple Lining, bangisiza ukuzuza cishe konke esenginakho nesengikwenzile manje ngomculo," kusho uJinger Stone.

Eqhuba, uthe ngenxa yokuthi wayevumelene nabazali bakhe ukuthi aphothule izifundo zakhe ze-Political Sciences e-University of Botswana, azithweswe nyakenye - uze waqala ukugqama kulo nyaka emculweni esefudukele eNingizimu Afrika, okuyilapho efike wathola khona amathuba amaningi okuchuma, kwavuleka neminyango eminingi.

UMCULI wama-piano ne-house uJinger Stone

Image: SITHUNYELWE

"Kuthe ngifika nje eNingizimu Afrika nyakenye, bangisiza ngathola ithuba lokusebenzisana noKelvin Momo, esenze naye izingoma ezimbalwa kubalwa ethi Suit & Tie, okuyiyona engizakhele udumo nogazi ngayo kubalandeli bomculo. izinto eziningi zenzeke ngokushesha, engicabanga ukuthi ukusebenza nabantu abawaziyo umsebenzi, nokuthi ngizikhandle ngomsebenzi wami kungisize kakhulu ukuthi ngisheshe ngingene ebantwini," usho kanje.

Kulo nyaka nje kuphela le ntokazi isisebenze futhi yakhipha umculo omningi namaciko okukhona kuwona yena uKelvin Momo, Sun-El Musician, Caiiro, Darque, Thakzin, Brandon Dhludhlu, Kenza, u-Enoo Napa, Sfarzo Rtee, noKabza De Small noSLY - abapike engomeni yakhe yokuqala esihloko sithi  Best Decision, ayikhiphe ngenyanga edlule.

"Konke lokhu kuseyindlela necebo engilisebenzisa ukuzwisa abantu ukuthi yini abangiyindela kimina ngomculo wami, ngibe ngiqhubeka ngipheka umculo omningi engihlela ukuwukhipha ekuqaleni konyaka ozayo uma sengizinze kahle nangokuphelele endimeni," kusho yena.

UJinger Stone igama lakhe lokuzalwa wu-Oarabile Thapiwa Gaotlotwe. Ezinye izingoma adume ngazo yi-Be My Somebody kaSfarzo Rte, iKgosi Yadi Kgosi kaKelvin Momo, i-You & Me kaKenza, iWithout You kaGaba Cannal, iMpulele yeMurumba Pitch neHalala kaMzizi.