ULloyiso olungiselela ukwenza umcimbi eThekwini ngenyanga ezayo
Image: Instagram
UMCULI owagqama kuma-Idols SA ngo-2015 uLloyiso, uthi usekhethe ukuzibambela ngokuletha umjikelezo wakhe wekhonsathi eThekwini kule nyanga emuva kokuphela konyaka ezama ukuthola abaxhasi kodwa echithwa.
ULloyiso odabuka eKariega, eGqeberha, unomjikelezo ohambela izindawo iThe Elephant in the Room okuyigama elisuselwe esibongweni sakhe uNdlovu.
Ngonyaka odlule wenze lo mcimbi ePitoli, Kapa, Goli, Gqeberha naseNelspruit.
“Emuva kokuvaleka kweminyango eminingi leli thuba selifike ngesikhathi esifanele. Ngichithe isikhathi esingaphezulu konyaka ngizama ukuhlela umjikelezo waseThekwini we-Elephant in the Room ngoba ngizimisele ukunikeza abantu baseThekwini into abangeke bayikhohlwe,” kusho uLloyiso.
Uthe yena nethimba lakhe bazame kaningi befuna abaxhasi kodwa emuva kokuchithwa bakhetha ukuzibambela.
“Ngomusa kaNkulunkulu siyakwazi ukuwenza. ITheku ngiyalithanda ngoba nginomndeni nabangani khona. Ngiyajabula ngokuthi lona kuzoba wumcimbi wami wokuqala ngedwa eThekwini futhi omkhulu,” usho kanje.
Umcimbi walo mculi onengoma ethi Madoda Sabelani, ekhuza ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, uzoba sePeople’s Park eMoses Mabhida Stadium ngoDisemba 20.
Amathikithi omcimbi ozoqala ngo-2 emini atholakala eWebtictets ngo-R250 kuya phezulu.
Muva nje usanda kukhipha izingoma ezimbili iScary neHigh. Zendlalela i-albhamu yakhe iNever Thought I Could kwi-iTunes okuvela ukuthi izophuma ngoJanuwari 26 ngonyaka ozayo.
Related Topics: