Ezokungcebeleka Umculo

UPearl ufeze iphupho lakhe ngenoni elisha

Simangaliso Ntshangase|Published

USAZIWAYO kwezokulingisa nokwethula izinhlelo zethelevishini uPearl Thusi usengene emculweni ngokukhipha ingoma yakhe yokuqala ethi Sodwa

Image: SITHUNYELWE

INTANDOKAZI yomlingisi ebuye ibe ngumethuli wezinhlelo zethelevishini, uPearl Thusi, isidalule ukuthi ukungena emculweni ngenye yezinto ekhule iyifisa, kodwa ebinovalo isaba ukuphoxeka uma kwenzeka ingamukeleki kahle.

UPearl usho njalo njalo engxoxweni ekhethekile neSolezwe mayelanaa nengoma yakhe entsha yokuqala yamapiano ethi Sodwa ayishaya nomakadebona kumaskandi Ihhashi Elimhlophe noDJ Melzi, eqale ukutholakala ezitolo zomculo ngoLwesine.

Uthe ukukhula aziwa ngokuthi umandla ekwethuleni izinhlelo nangokulingisa kuphela kwenze wabuswa isikhathi eside wumcabango wokuthi kungenzeka kube nzima ukuthi abalandeli bakhe bathokozele ukumbona enza okunye okwehlukile kancane kulokho.

USAZIWAYO kwezokulingisa nokwethula izinhlelo zethelevishini uPearl Thusi usengene emculweni wakhipha ingoma yakhe yokuqala ethi Sodwa

Image: SITHUNYELWE

"Kudala ngifuna ukucula kodwa ngisaba ukungena ngokuphelele kuwona. Kuze kwafika lapho engibona khona ukuthi ukuzicindezela ngalokho ngeke kungisize ngalutho. Nakhu manje sekunengoma ephumile nengingakhathazekile ngokuthi abantu bazoyamukela kanjani. Obekumqoka kakhulu kimina manje wukuthi ngenze into engiyithandayo," kusho yena.

Eqhuba uthe uqale ukuzinothisa ngolwazi lokwenza umculo eminyakeni emihlanu edlule ezifundisa okuningi ngawo. Uqale ukugqama ohlangothini lomculo ngokudijeya, into nayo athe kwakuyicebo lentuba yokungena emculweni.

"I-Sodwa yingoma yothando engiyenze cishe eminyakeni emibili edlule. Iqhakambisa ubuhle bothando, igqugquzela ukuthi kunoma yisiphi isimo obhekana naso empilweni ungakhohlwa wukuthi kunabantu obakuthandayo. Ngale kokudlulisa lowo myalezo; iyindlela engikhumbula ngayo abazali bami abangasekho emhlabeni. Kuyisilonda esingapholi kimina ukuthi abalitholanga ithuba lokubona konke okuhle esengikufezile empilweni," kulandisa uPearl.

USAZIWAYO kwezokulingisa nokwethula izinhlelo zethelevishini uPearl Thusi usengene emculweni wakhipha ingoma yakhe yokuqala ethi Sodwa

Image: SITHUNYELWE

Udalule nokuthi lokhu sekuwukungena kwakhe unomphela emculweni njengoba kuzothi uma kuqala unyaka ozayo, aqhubeke adedele ezinye izingoma ezimbili azenze noMorda Bongaz noPhila Dlozi, ngokwehlukana kwazo.

"Kanti futhi sekulula kakhulu manje ngoba sengine-studio sokuqopha umculo kwami, okuzokwenza kube lula ukupheka umculo omningi nomnandi. Ngizolokhu ngiwudedela kancane, kancane ngize ngichume emculweni," kusho uPearl.

Amagalelo ale ntokazi kwezobumnandi ayazikhulumela njengoba isike yalingisa emidlalweni yethelevishini esingabala kuyona iZone14, Isidingo, Catching Feelings, Kalushi: The Story of Solomon Mahlangu, Bulletproof 2 ne-Queen Sono ukukha nje phezulu.

Ekwethuleni izinhlelo; isike yethula izinhlelo esingabala kuzona iLive Amp, Real Goboza, Tropika Island of Treasure, Moments, Lip Sync Battle Africa, Behind The Story ne-The Real Black Pearl