Ezokungcebeleka Umculo

UBig Zulu uphunga izesheli nxazonke

Fanelesibonge Bengu|Published

UMREPHA uBig Zulu uthi ngeke ube khona iBig Zulu Home Coming eBergville nonyaka

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

UDUMO lomrepha uBig Zulu, ongagcini ngomculo kodwa ophinde abe wusomabhizinisi, selumenze washelwa ngapha nangapha yizinkampani ezifuna ukuqopha uhlelo olukhombisa ngempilo yakhe.

UBig Zulu, odabuka eBergville, usephenduke isilomo esiqashwa ubuthaphuthaphu. Ngaphezu komculo uphinde abe wumphathi wabaculi enkampanini iNkabi Records lapho kuqopha khona uLwah Ndlunkulu, Xowla nabanye. Ngaphezu kwalokhu unamanye amabhizinisi ahlukene okubalwa namaloli.

"Sezibe khona zaziningi izinkampani zifuna ukwenza uhlelo ngempilo yami," kusho uBig Zulu engxoxweni ekhethekile neSolezwe lapho ebekhuluma khona ngezinto ezahlukene.

"Kuyokwenzeka ngesikhathi esifanele uma nami sengibona ukuthi sengikulungele. Le nto iza nezayo izinto ngakho ifuna uyenze usuyilungele kahle."

Muva nje ukhiphe i-EP esihloko sithi Undodakazi ngokuhlanganyela nendodakazi yakhe ezibiza ngeNkabikazi.

Uthe yiyona azobe ematasa ngayo ngokuyiphusha njengoba sekuzoqala amaholidi kaDisemba.

Ngokujwayelekile ngalesi sikhathi, usuke ephusha nomcimbi wakhe awenza ngakubo iBig Zulu Homecoming. Nokho kulokhu uthe ngeke ize ibe khona ngenxa yokushoda ngendawo.

"Inkinga enkulu esinayo yindawo esingayenzela kuyo. I-Home Coming igcwala kakhulu manje nginokucabangela ukuphepha kwabantu uma siya endaweni engayilungele. ISports Complex esasiyenzela kuyo yaba nenkinga ngoba iyalungiswa. EBergville yisemakhaya azikho ziningi izindawo zokwenza imicimbi namahhotela aqhelile, abantu bazodinga into yokuthutha. EBackpackers lapho esake saba khona nayo inenkinga ephakathi kwabanikazi bayo," kuchaza uBig Zulu.

Uxolisile komkhaya bakhe wathi uyayizizwa izikhalo zabo kodwa akazi ukuthi yisimo angasilungisa kanjani.

"Anginankinga nokukhokhela iSports Complex uma abantu bezophepha kodwa kunenkinga. Angifuni kulimale abantu," kusho yena.

Uthe uzobesula izinyembezi ngokwenza umncintiswano webhola ozobe sezinkundleni zemidlalo enkundleni ebizwa ngokuthi yiKwaZondi lapho kuzoncintisana khona amaqembu alinganiselwa ku-15.

"Ngizokhipha imali kwabazowina kuze kuyogcina kozoba sendaweni yesine. EBergville yilapho engiphuma khona futhi ngilapha ngenxa yemfundiso yakhona. Umuntu indawo akhulele kuyo idlala indima enkulu yokuthi abe yile nto ayiyona. Into yami yokwenza umncintiswano webhola kube wukubuka indlela izinto ezimosheka ngayo ebantwini abasha bengena ezidakamizweni. Ngesikhathi sikhula ibingekho yonke le nto. Ububuya esikoleni uyodlala ibhola usuke lapho uyolanda izinkomo, singekho isikhathi sezidakamizwa. Ukuncipha kwebhola izingane ziba nesikhathi sokubhoreka zigcine zichitha isikhathi ngezidakamizwa," kuchaza uBig Zulu.