UMCULI kamaskandi uShenge WaseHlalankosi womunye wabazonandisa kwiDurban Family Picnic Day Experience, ezoba seChristianberg Stadium, eClermont, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
KUZOSIZAKALA abafundi abaphase kahle kumatikuletsheni wabo ngomfundaze wokusiza ukuthi baqhube izifundo zabo, bese futhi kunikelelewa nalabo abaphuma emindenini ehlwempu - ngenzuzo ezokwenziwa ngedili lomculo iDurban Family Picnic Day Experience.
Lokho kushiwo wuSandile "King Fire" Dlamini, wenkampani ehlela imicimbi iCoast 2 Coast Marketing & PR, ongomunye wabahleli balo mcimbi ozoba seChristianberg Stadium, eClermont, eThekwini ngoMgqibelo kusuka ngo-10 ekuseni kuya ku-9 ebusuku.
Engxoxweni neSolezwe uDlamini udalule ukuthi baze bafika kulesi sigaba sokuhlela lo mcimbi nje yingoba bese kuyisikhathi eside esiza abanye abantu abasuke befuna ukuhlela imicimbi, okwenza wabona kukuhle ukusebenzisa amava asenawo ngalokho ukuwenza elokishini langakubo iClermont, futhi awenze ngendlela ezozuzisa umphakathi.
UMCULI wowokholo uJumbo omunye wabazonandisa kwiDurban Family Picnic Day Experience, ezoba seChristianberg Stadium, eClermont, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
"Yingakho nginqume ukuhlangana nozakwethu abathathu, nabo abawukhathalele kakhulu umphakathi ngezinhlelo ezinhle abahlale bezenza, sanquma ukwenza umcimbi onjena ngenhloso yokuthi inzuzo esizoyenza ngawo siyibuyisele ebantwini bakithi," usho kanje.
Eqhuba, uthe okuningi kwalo mcimbi bakwenze ngephakethe labo, nangokuziswa ngabenkampani yezimoto iHyndai nenkampani ehlela nexhasa imicimbi i-S Black Entertainment, ababasize ukuthwala ezinye izindleko zokuthi umcimbi wabo wenzeke.
UMCULI we-Afro pop uNaledi Aphiwe womunye wabazonandisa kwiDurban Family Picnic Day Experience, ezoba seChristianberg Stadium, eClermont, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
Kulo mcimbi, okuvunyelwe nezingane ezincane ukuza zizodlala imidlalo yazo eyahlukene kuwona - kuzonandisa amaciko okukhona kuwona oJumbo, uNaledi Aphiwe, uPastor Sithembiso Zondo, uShenge WaseHlalankosi, uBello, uNobuhle Khuwayo, uJSbu, yi-SBlack Entertainment, uDJ Flair, uKingLee, uLuvas, uMapopo, uNoxolo; nabaphathi bohlelo oFelix Hlophe weGagasi FM, uMafresh woKhozi FM noMbali M.
"Inkundla esizowenzela kuwona imumatha abantu abawu-4 000 uma isigcwele, kepha thina sibheke ukuthi ngoba nakhu sisazowenza okokuqala - kuzoba yintokozo nempumelelo kithina ukuthi ube nabantu abawu-2 000 noma ngaphansana kwalokho ukuzoweseka, nokuyosikhuthaza ukuthi siqhubeke nalo mbono neminye efuze wona eminyakeni ezayo," kusho uDlamini.
Amathikithi alo mcimbi atholakala eWebtickets, eBoxer nasePick n' Pay ngoR50, uR70 noR100 awezingane ezincane; kube wuR100, uR150 noR200 abantu abadala'; bese kuba wuR300, uR400 noR500 awe-VIP umuntu ngamunye ngokwehlukana kwawo.