UMBUYISENI Ndlozi okhiphe i-albhamu yomculo ethi Usizi
Image: Instagram
UNGENA uyagamanxa kwezobuciko owayesebuholini be-Economic Freedom Fighters (EFF), uMbuyiseni Ndlozi, njengoba esekhiphe i-albhamu yomculo.
UNdlozi ubeyilungu lePhalamende le-EFF kusuka ngo-2014, wasula ngasekuqaleni konyaka. Kusuka lapho, uphenduke umsakazi ngoMashi, ejoyina isiteshi sezingxoxo esizinze eGoli, iPower FM.
Wethula uhlelo iPower Talk ngo-9 ekuseni kuya ku-12 emini ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Ngo-Agasti, umenyezelwe njengomethuli we-African Renaissance Podcast yeThabo Mbeki Foundation edlala kwiYoutube.
Njengamanje usengene shi emculweni njengoba ekhiphe i-albhamu ethi Usizi enezingoma eziyisishiyagalolunye.
Kuyona ucula Igwijo.
“Ngaphansi kwamahora angu-24, #Usizi luphume, luhlale kunombolo 98 ohlwini lwama-albhamu ahamba phambili kwi-Apple Music eNingizimu Afrika. Ngiyabonga bantwana beNkosi,” kusho uNdlozi kwi-X.
Ilokhu iqhubeka nokunyuka njengoba ngempelasonto ibisisendaweni ka-38.
Uthe kade aqala ukuthanda ukucula nabantu nokubaculela yingakho ekhiphe i-albhamu.
Ngesikhathi eseyilungu le-EFF, wagqama nangokucula ingoma ethi Azania emibuthanweni yeqembu.
UNdlozi akayena yedwa owayeyilungu le-EFF ePhalamende elisemculweni.
Maphakathi konyaka odlule, uRingo Madlingozi wamemezela ukuthi ipolitiki ngeke isaba seqhulwini empilweni yakhe.
Ubuyele emculweni, kwathi ngo-Ephreli, wakhipha i-albhamu ethi Ikhwelo enezingoma ezingu-15.
Related Topics: