Ezokungcebeleka Umculo

I-Afrosoul nezingoma ezintsha ezendlalela i-albhamu

Fanelesibonge Bengu|Published

I-Afrosoul ikhiphe ingoma entsha ethi Ngimtholile

Image: Sithunyelwe

IQEMBU lomculo laseThekwini, i-Afrosoul, seliqalile ukudedela izingoma ezizohlanganisa i-albhamu yalo entsha ezophuma ngemuva kweminyaka lagcina ukukhipha.

Leli qembu le-Afro pop ligcine ukukhipha i-albhamu ngo-2018, ethi Uhambo.

Kusuka lapho belikhipha izingoma ezihamba ngazinye.

Ngesikhathi lidedela Uhambo, kwakusekhona uSergeant Malishe oshone ngo-2021, emuva kokugula.

Njengamanje kusele uSabelo Ngema noThandeka “MaZulu” Zulu asebeqhubeka nalo.

UMaZulu uthe yize uMalishe engasekho kodwa bazohlala bemkhumbula ngamagalelo akhe.

“Yingakho nakwi-albhamu esizoyikhipha sinengoma esimkhumbula ngayo. Iphelile manje kodwa kunendlela esizokwenza ngayo,” kusho uMaZulu.

Uveze ukuthi bazokhipha izingoma ezimbalwa ngazodwa ezizogcina zikwi-albhamu abahlela ukuyethula ezinyangeni ezimbalwa.

Njengamanje baqale ngethi Ngimtholile abayenze noZakwethu ongumdidiyeli osesebenze nabaculi abaningi KwaZulu-Natal.

“Ingoma ikhuluma ngothando. Izolandelwa ngenye esizoyikhipha uma sekuqala izinsuku ezingu-16 zokuqwashisa ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Ikhuluma ngakho ukuthi amadoda awahlangane kuyekwe ukuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane nezingane esipike kuyo uZakwe. Sizama ukusebenzisa ubuciko bethu ukuthumela umyalezo nokukhuza abantu asebephenduke izilwane. I-albhamu inezingoma ezingu-15 ezishisayo futhi iphelile kodwa sihlele ukuthi sikhiphe ngazinye ukuze zizokwazi ukufinyelela kahle ebantwini siziphushe kahle,” kuchaza uMaZulu.

Uthe ezinye zezingoma baziqophe bukhoma ngesikhathi benze ikhonsathi ePlayhouse eThekwini. Ubale abahlonipha ngayo uBusi Mhlongo athe bayenza noZuluboy.

“Sacula bukhoma iStimela SaseZola kukhona ubaba uMbongeni Ngema. Manje silinde ukuthola imvume yokuyikhipha.”

UMaZulu ubuye wadalula ukuthi uSabelo kumanje useChina uyofunda ngobuciko ukuze kukhule iqembu nesikole sabo Ikabawo Arts Academy.

“Uhambe neNational Arts Council ukuyofunda ngezithinta ezobuciko bese edlulisela nasesikoleni ulwazi. Isikhungo sethu sesikhiqize abantu abaningi abaseqophelweni eliphezulu njengoThobeka Ndwandwe kuZalo, Nqobani Zuke okwiLion King eHong Kong nabanye abaningi kakhulu. NgoDisemba 5, sizoba nenhlolokhono yokuthatha abanye ngoJanuwari,” kusho uMaZulu.