Ezokungcebeleka Umculo

Kuyaphela ngeKweyama Brothers uBenny ekhipha yedwa

Fanelesibonge Bengu|Published

U-BENNY Maverick okhiphe ingoma entsha ethi Uyadlala eyendlelalela i-albhamu eza ngenyanga ezayo

Image: Instagram

KUMNYAMA ngeqembu loDJ bamapiano iKweyama Brothers emuva kokuthi amalungu alo ekhethe ekubuyeleni ekusebenzeni ngokwehlukana.

Leli qembu belibunjwe nguPhilani “Benny Maverick” noSiza “DJ Stanky” Kweyama abahlangane emculweni njengoba uStanky wayenguDJ we-hip hop noBenny edlala i-house.

Iqembu lizakhele udumo ngengoma ethi Impilo yaseSandton elayenza noMpura ongasekho.

UBenny oqale ukugqama ngengoma ethi Omunye apikwa kuyo yiDistruction Boyz neyakhe iMemeza apika kuyo uDladla Mshunqisi noSpirit Banger, uthe ukuhlukana yisinqumo abasithathe bobabili ngokuvumelana.

“Vele ekuqaleni besingoDJ abazimele sinamagama ethu. Bengifuna ukugxila kimina. Ngithola ukuthi ngiyakwazi ukuzilawula lapho. Bengilokhu ngenza umculo e-studio sami futhi ngifuna ukukhipha i-albhamu yami. Sobabili sivumelene ngeKweyama Brothers ukuthi sifuna izinto ezahlukene futhi sisemabhizinisini ngaphandle kweKweyama Brothers ngakho umsebenzi wasemabhizinisini ububuye uphazamise okumele sikwenze njengeqembu,” kusho uBenny.

Ubekhuluma emuva kokukhipha ingoma yakhe entsha ethi Uyadlala endlalela i-albhamu yakhe yokuqala ezimele iValencia azoyidedela ngoNovemba 14. Uyikhipha ngaphandle kwenkampani iGamma asesayine kuyo.

Uthe sekunesikhathi enza umculo e-studio sakhe futhi nomculo awenzile ubesefuna ukuwukhipha.

“Ngenza umculo wamapiano ojulile futhi obhalwe kahle. Ngisizile ukubhala ezinye izingoma kwi-albhamu, ngabamba elikhulu iqhaza ekudidiyeleni. IMemeza yayiyi-house, Afro soul. Manje ngigxile kakhulu emculweni othinta umphefumulo, amapiano. Inhloso ukungajuluki. Umculo onothile,” kuchaza uBenny.