UZEE Nxumalo uzonandisa kwiMetro FM Heatwave eThekwini ngoNovemba 29
Image: Instagram
UBUYELA eThekwini umcimbi wobumnandi iMetro FM Heatwave ozoba seKings Park Stadium Outer Field ngoNovemba 29.
Le ndumezulu yomcimbi waminyaka yonke yagcina ukuba kulesi sifundazwe eZula Beach, eRichards Bay, ngonyaka odlule.
Phambilini uke waba naseYadini Lounge, eMlaza.
Okhulumela abahleli bomcimbi okuyi-Executive Concert, uMdu Mkhize, uthe bayajabula ngokuthenjwa yilesi siteshi ukuthi besenzele iHeatwave.
“Okusijabulisa kakhulu wukuthi sekunesikhathi eside yagcina eThekwini. Kade siyilangazelele iMetro FM futhi iTheku likahle kuwona wonke umuntu oKwaZulu-Natal nangaphandle ngoba kufikeka kalula,” kusho uMdu.
Uthe basayine isivumelwano sokuyenza iminyaka emithathu.
“Ubudlelwano bethu neMetro FM buqale ngesikhathi siyisingathe etendeni lethu i-Executive Concerts Marquee kwiDurban July yabona ukuthi siyakwazi ukuwenza izinto ezinkulu yasithemba ngeHeatwave,” kuchaza uMdu.
Uthe kuzobe kuboshelwe uKelvin Momo, Usimamane, Zee Nxumalo, Kamo Mphela,Thuli P, Mthandeni SK, Gatsheni, Umafikizolo, DJ Sox nabanye. Uhlelo luzobe luphethhwe uSomizi, Loot Love, Tbo Touch, Polo B, Sizwe Mdlalose noZimdollar.
Amathikithi aqala kuR250 eTicketpro.
“Amasango sizowavula ngo-11 ekuseni kuze kube u-11 ebusuku. Ama-coolerbox angena mahhala ngaphambi kuka-2 emini namakani kuphela. Emuva kwalokho azokhokhiswa,” kusho uMdu.
I-Heatwave izoqala eMalahleni idlulele eThekwini, Limpopo, East London bese isongwa eGoli ngoDisemba.
Related Topics: