Ezokungcebeleka Umculo

UZamajobe uzizwe ezalwa kabusha ngokubuya emculweni

Lutho Pasiya|Published

UMCULI we-Afro pop, uZamajobe Sithole

Image: SITHUNYELWE

INTANDOKAZI yezomculo we-Afro pop, uZamajobe Sithole, owaziwa ngelikaZamajobe usefanise ukukhuza ibuya emculweni njengokuzalwa kabusha emva kweminyaka engaphezu kuka-10 anyamalala kwezobuciko.

Leli ciko laqala uhambo lwalo lwezomculo ngakubo eVosloorus, eGauteng, lapho lakhula khona licula emakhwayeni ehlukene kusukela liseneminyaka eyisishiyagalolunye, laqala lapho ukufunda khona okuningi ngomculo.

Abaningi babesajabulela impumelelo yobuciko bakhe ngenkathi enquma ukuhlaba ikhefu leminyaka ewu-10 kwezomculo, okwenze ukuthi esebuya kwafana nokuthi uqala kabusha emculweni.

"Ngangifuna ukuthi ngibuye senginamandla amasha nendlela ehlukile engenza umculo wami ngayo futhi ngifunde okuningi ngokuzelapha emoyeni nokuthi ngazi ukuthi yini engifisa ukuyenza. Impilo ihlale izokuvivinya kodwa uyakwazi ukuhlela kahle izinto ozogxila kuzona ngobuciko bakho, kanti nami ngenze lokho njengoba sengibuyile," kulanda yena.

Ekhuza ibuya emculweni, uZamajobe udedele i-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Umi futhi engeyokuqala esezimele - kanti okuhle ngayo wukuthi isivele iqokwe kabili kumaSouth African Music Awards emkhakheni we-Best Produced Album ne-Best South African Contemporary Album.

"Into ehlekisayo ngalokhu wukuthi ngangifuna ukwenza le albhamu ngendlela engenza ngayo lena ethi Ndawo Yami. Yonke ingoma ekuleyo albhamu yami yokuqala yayenziwe ngendlela yokuthi kube ngathi ngididiyele izinhlobo zomculo ehlukene ndawonye, kanti nakulokhu bengingafuni ukubuya nento ehlukile kakhulu ngakho ngingasho ukuthi lena ethi Umi iwumkhiqizo omusha weNdawo Yami owenziwe ngesimanje," kusho uZamajobe.

Uthe le albhamu ibisho lukhulu kuyena futhi ayifani nhlobo nezinye izingoma aseke wazenza, okwenza wanquma nokuthi angapiki mculi kuyona kepha wasebenza namaciko ehlukene ahlanganisa izinsimbi ukumzisa ukukhiqiza umculo ngendlela abefisa ngayo.

"Kanti ngikujabulele kakhulu futhi nangokuthi ukubuya kwami emculweni kwangisiza ukuthi ngiqokwe emncintiswaneni wezindodno. Lo msebenzi ungowokuqala ukuthi ngizenzele wona ngokwami ngakho konke lokhu kufana nesiqala esisha kimina sempilo yami nesobuciko bami futhi ngiyakubonga konke lokho," kusho yena.

UMCULI we-Afro pop, uZamajobe Sithole

Image: Supplied

UMCULI we-Afro pop, uZamajobe Sithole

Image: SIGCINIWE