Ezokungcebeleka Umculo

Inkakha ithi abalandeli bangathuki ngokushintsha isigqi

Fanelesibonge Bengu|Published

INKAKHA kamaskandi uThokozani 'Somnandi' Langa

Image: Facebook

INGWAZI kamaskandi uThokozani "Somnandi" Langa ithi abantu bangethuki uma ishintsha isigqi emculweni wayo ngoba izama ukuthi bathole okwehlukile.

UThokozani, oneminyaka engaphezu kuka-30 eyibambile, ulungiselela ukukhipha i-albhamu entsha ngoLwesihlanu ethi Hlala La okuzobe kungeka-32.

"Kulo nyaka nginomfutho kakhulu. Ngiqale ngakhipha ngiwuSomnandi okungelinye igama lami uma ngenza umculo othe ukuhluka. Ngisuke lapho senza eyaMa Legend noShwi no-Ali. Ngenze neSomnandi noMasinga i-albhamu eseduze kungekudala cishe izoba nezingoma ezingu-10. Ngibuyise uBonakele ne-albhamu entsha ethi Bathi Ngudoti. Sengizoyivala ngoThokozani Langa okuyigama eliphethe konke engikwenzayo ngoba kuzalwa yileli gama," kusho uThokozani.

Uthe i-albhamu yakhe ihlabahlosile iphethe izingoma ezinomyalezo wothando nesigqi esihlukile. Uthe uyakuthanda ukuthi uma ekhula akhule nomculo.

"Uma ukhumbula uRebecca Malope wafika ecula i-disco wagcina esecula owokholo wavelela. ULucky dube wayecula umgxobanyawo washintsha wenza i-reggae. Uma ubuka umaskandi muningi manje ngoba yiwona osematheni. Kuyajabulisa ngoba uma ubuya kubuya ubuthina ngoba uyasikhumbuza ukuthi singobani. Kuhle kodwa kufuna ubuye ube nombala ohlukile. Uma ulalela kwi-30 Years of Somnandi (i-albhamu yakhe edlule) kune-slow jam okuyinto abantu abayithokozela. Noma ngizenza izingoma ezinjalo bekuba yingoma eyodwa. Manje ziya ngokwanda izingoma ezihamba ngaleso sigqi. Abantu bangethuki, wukuzama ukuthi singabi umbala owodwa njengomaskanda. Abantu bangadli into eyodwa," kuchaza le nkakha.

Uthe uyathanda ukuthi umculo ungafani futhi uyakujabulela ukuthi kuzanywe okuhlukile. Uzichaze njengomuntu onobizo lomculo oluthi uma selufikile angezwa ngisho isenyelo uma esesiteji ngenxa yokuhlonipha abantu. Uthe yikho okumgqugquzelayo wathi uma uNkulunkulu esamuphe amandla okuphila uyoqhubeka.

"Nokungajwayeli abantu. Namanje ngisashaywa wuvalo uma ngingena esiteji ukuthi abantu bazothini."

Uphethe ngokuveza ukuthi ahamba kahle amalungiselelo omcimbi wakhe waminyaka yonke iSomnandi Music Festival.

Uzoba sePrince Mangosuthu Airport, oLundi, ngoDisemba 20.

"Sikhuluma neSoul Brothers esizama ukuthi ibe yingxenye yomcimbi. Yenza umbhaqanga esiwuhloniphayo engakhula ngiwuthanda. Sifuna nabantu abasha bazobona kuculwa bukhoma."