U-BABES Wodumo ukhipha i-albhamu entsha iMabheshingo ngoLwesihlanu
Image: FACEBOOK
INDLOVUKAZI yegqom', uBabes Wodumo, ithi isebenzise izindlela ezahlukene ukwamukela ukushiywa wumyeni wayo uMampintsha emhlabeni nokuyingakho isikhipha i-albhamu entsha ngoLwesihlanu, emuva kweminyaka.
UMampintsha owayengumculi we-kwaito, washona ngoDisemba 2022, emuva kokushaywa yisifo sohlangothi.
UBabes uthe lokhu kwamshaya kakhulu kwamthatha isikhathi ukukwamukela.
"Nangibona ngisematheni ngama-video abukhoma ezinkundleni zokuxhumana. Abanye babegxeka, bethi yini ndaba uphuzile kwasha kwacima. Kimina kwakuyindlela yokwamukela ngipholisa inxeba. Kokunye ngangilalela izingoma zakhe ngihayize noma ngibe ngedwa ekameleni. Kube nzima ngoba ingxoxo uma ike yaphatha uMampintsha bengilimala," kusho uBabes.
Uthe usuku lokuzalwa kwendodana yabo, uSponge, lungezinye zezinsuku ezaziba nzima ngoba uMampintsha wayemkhonzile.
"Yingakho ngihambela imingcwabo yabantu ngoba esanda kushona ngangingayi kuyona, ingivusela isilonda. Ngizama ukuthi uma ngibona ibhokisi lehla ngingabuyelwa yisithombe sikaMampintsha. Yindlela yami yokwamukela," kuchaza uBabes.
UBabes obenengxoxo ekhethekile neSolezwe, ubechaza nge-albhamu yakhe entsha iMabheshingo ephuma ngoLwesihlanu.
Selokhu agcina ngo-2020, ngethi Idandokazi. Uthe ngabe kade akhipha kodwa waphazanyiswa wukubuya kweBig Nuz eyadedela i-albhamu eyayiqanjwe ngoR Mashesha ngo-2022.
"UMampintsha wayesene-albhamu ayiqedile ezokhipha bese ngiyalandela njengoba sasenza. Saxoxa savumelana ngokuthi asime ngokwethu sigxile kwiBig Nuz ngoba abantu base bekhala ngayo. Ngamncenga ngathi ayikho into esizoyenza, asilalele abalandeli wathi eyokugcina ayenzayo kanti kuzoba ngeyokugcina ngempela."
Uthe kuthathe isikhathi ukuthi akhiphe ngoba uMampintsha bekuwuye owenza okuningi yena afike eseqopha noma egibela esiteji.
"Bengingabathembi nabantu abaningi, ngingazi ukuthi yimuphi olungile. Ngakhipha ingoma ethi Amagangangozi ngingaphansi kwengcindezi yokuthi ngingathuli isikhathi eside. Abantu bezwa ukuthi angikakabi sesimweni."
Uthe kumsizile ukuba khona kukadadewabo, uNondumiso Simelane, eduze kwakhe owenze kwaba lula ngoba umsize ngokuningi.
"Sivele sahamba saya eGoli sayokwenza inguyazana yokuqopha. Angigxilanga kwi-gqom' kuphela. Kukhona i-three step, umaskandi nayo i-gqom' nomculo wokholo. Ngenze isiqiniseko sokuthi kukhona izinhlobo ezahlukene kwi-albhamu eyodwa ukuthi umuntu nomuntu ozaziyo ukuthi uthanda ini athi nansi eyami. Kukhona uMawhoo, izingane ezifikile engizithandayo uShuni Wasemzini ezenza umaskandi nabaculi engisanda kubasayina uNiseni, Gallo noBaba kaSimba. Ukhona noMadanon sisuka kude naye."
Uthe usanda kwenza inhlolokhono yokufuna amaqembu abesifazane e-Afro pop ne-gqom' azogxila ekubakhuliseni ngonyaka ozayo. Uthe konke lokhu ukwenza ngephakethe lakhe.
"Bakhona abangesekayo kodwa okuningi yiphakethe lami. Ngisebenzile bakwethu, angibizwa ngeNdlovukazi yeGqom mahhala ngoba sekuhambe umyeni wami, ngifundile ukuthi ukuxhamazela kuyingozi konke kubheke mina. Kumele ngenze isiqiniseko sokuthi uSponge akasokoli. Kuqala ngangingena kunoma yisiphi isitolo ngaphandle kwesizathu. Manje kumele ngicabange ukuthi iteki lika-R25 000 ngiyalidinga noma ngiyokhokhela isikole sengane, ngithuthukise nebhizinisi."
Related Topics: