Ezokungcebeleka Umculo

Usevuke wavuthela ama-beat uDJ obelaliswe ukugula

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Muntu Masterblaster uthi useluleme futhi usebuyela emsebenzini

Image: Facebook

UQOLOTHAKAMANGO kaDJ womculo ogijima negazi, uDJ Muntu Masterblaster, uthi ubonga ukwesekwa namakhambi esintu esinda ekuguleni obese kumenze wangakwazi ukuhamba.

U-DJ Muntu odabuka eMlaza, ugule ngasekuqaleni kwenyanga edlule wachitha amasonto esibhedlela.

Watshela leli phephandaba ukuthi uhlaselwe yisifo sohlangothi futhi usazonyamalala nasemehlweni omphakathi.

“Bengivuvukalelwa yizinyawo kunenkinga yezinso ngashaywa yisifo sohlangothi. Sengichithe isonto nohhafu esibhedlela ngoba ngangena ngoLwesibili olwedlule. Akusafani kodwa manje ngoba sengiyakwazi nokudla. Ukuhamba yikhona okuseyinkinga,” washo kanje ngaleso sikhathi.

Wathi uzobheka ukulashwa nangokwesintu ngoba wayesola umona wozakwabo kwezokudijeya.

Ngempelasonto uthe usewumqemane futhi ubonga umndeni wakhe nabalandeli ngokumeseka.

“Sengingcono kakhulu kamanje ngiyakubonga ukwesekwa engikutholile emndenini nabalandeli bami beLove Movement, kunginike amandla ngoba bangeseke kakhulu. Ngiyabonga kodokotela nasemakhambini esiZulu engiwasebenzisile,” kusho lo DJ obezwakala ukuthi usengcono.

U-DJ Muntu odlala iSoul, R&B kanjalo nezamzukwana, uthe ngempelasonto ubeqala ukubuyela emsebenzini futhi usezobonakala nasemicimbini.

Izolo ubenandisa eDanny’s Pub eDiepsloot, eGoli.

“Abangiqashe abantu ngoba sengibuyile. Kade ngiyichitha ekuqaleni imicimbi ngingazi kwenze njani futhi ngizosinda nini. Manje ngingcono kakhulu. Nginamasonto amabili ngiphumile esibhedlela,” kusho uDJ Muntu.