Ezokungcebeleka Umculo

ULwah uzozwisa abalandeli abakhethekile i-albhamu ingakaphumi

Fanelesibonge Bengu|Published

ULWAH Ndlunkulu ngesikhathi enandisa kwi-Old Mutual Music at the Lake eBotanic Gardens, eThekwini, ngoLwesithathu

Image: Sithunyelwe

UHLELA ukuyizwisa abalandeli bakhe baseThekwini abakhethekile i-albhamu yakhe entsha uLwah Ndlunkulu oqale umncintiswano wabafuna ukuba naye emcimbini azowenza ekupheleni kwenyanga.

ULwah ulungiselela ukudedela i-albhamu yakhe yesibili ethi Amaciko ngo-Okthoba 3.

Izokwelama ethi Imizwa ayikhipha ngo-2023. Lo mculi wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Eyami, Paris apikwe kuyo nguMthandeni SK nezinye, ubelokhu ededela ezihamba ngazodwa emuva kwalokho.

ABANYE babantu abebeyojabula emcimbini I-Old Mutual Music at the Lake eBotanic Gardens ngoLwesithathu

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

Kulo nyaka ukhiphe ezimbili iMnwakwethu nethi Nembeza apike kuyo uMaWhoo.

“Ngomhla ka-3 ngikhipha i-albhamu hhayi ingoma kuphela,” kusho uLwah.

Ubekhuluma nabantu abaqungele imvula bathamela umcimbi i-Old Mutual Music at the Lake eBotanic Gardens, eThekwini, ngoLwesithathu. Ngokujwayelekile umcimbi wenziwa endaweni evulekile ngaphansi kwezihlahla kodwa kulokhu ubanjelwe etendeni.

UBIG Zulu ecula eBotanic Gardens, eThekwini ngoLwesithathu ntambama

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

“Ngaphambi kokuthi ngikhiphe le albhamu kunomncintiswano engiwenzayo. Ngifisa abantu abathanda umculo wami abawu-300 bezoyilalela ngomhla ka-30 (Septhemba) ngaphambi kokuthi iphume ngomhla ka-3. Kufika abakhethekile kuphela kulo mcimbi,” kusho uLwah.

Uthe umcimbi uzowenza eThekwini endaweni ezovezelwa abawine amathikithi.

Imininingwane yokungenela umncintiswano uthe uyinameke emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.

Emcimbini abenandisa kuwo eBotanic uLwah uzwise abantu ingoma yakhe entsha enezinhlamvu ezithi Satholana Edolobheni. Ubeshiyelana inkundla noBig Zulu noSjava. Uhlelo beluphethwe wumsakazi we-East Coast Radio uZisto Mhlongo futhi kudlala noDJ Sbu.