Ezokungcebeleka Umculo

Owe-afro pop uzwelana nabaphikwa yimpilo ngecwecwe elisha

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI we-afro pop u-Aubrey Qwana ukhiphe i-albhamu yakhe yesithathu esihloko sithi Mkabayi Legacy

Image: SITHUNYELWE

"NGIQOKE ukudidiyela izingoma ezikhuluma ngobunzima bezimo esibhekana nazo empilweni nsuku zonke ngoba ngiqonda ukuthi singabantu kuningi okusihluphayo nokwenza ukuthi impilo yethu ingahambi kahle, kepha sibe manqikanqika ukubhoboka ngakho."

Usho njalo umculi we-afro pop u-Aubrey Qwana wodumo lwengoma ethi Molo Mhlobo Wami, ngenkathi elandisa kabanzi nge-albhamu yakhe yesithathu ethi Mkabayi Legacy, ephume ngoLwesihlanu olwedlule nadidiyele izingoma eziwu-15 kuyona.

Uthe isikhathi esiningi uma eqopha umculo uhlale eqikelela ukungagxili ekwenzeni ukuthi ingoma ibe mnandi nje kuphela, kepha udidiyela umculo wakhe ngendlela ezokwenza ukuthi kube nomyalezo ofundwa notholwa ngabantu kuleyo naleyo ngoma ayikhiphayo.

"Yingakho nakulena kunezingoma eziningi eziqukethe umyalezo wobunzima bempilo, nezikhuluma ngezinto ezithiya abantu empilweni yabo - okuyizimo nami esengike ngabhekana nazo empiilweni yami ngenkathi kubhimba izinto eziningi kangangokuthi ngaze ngacabanga nokuyeka umculo imbala ngoba ngibona konke kushabalala, ngisabathe ngiyazama nje - izinto zingenzeki ngendlela engifisa ngayo," kusho u-Aubrey.

Eqhuba, uthe okunye okuhle ngale albhamu wukuthi usebenze kakhulu kuyona namaciko omculo wesintu, athi kungenxa yokuthi uyakholelwa ekutheni yiwona maciko aqinisekisa umyalezo uma eshaya ingoma, okumsize kakhulu ukudlulisa umyalezo ngendlela efanele.

"Kanti izingoma engizibheke kakhulu kulo msebenzi ngezithi Ngiyashona engiyishaya noMaraza enomyalezo oveza ukuthi ubunzima bempilo kuyenza ukuthi uze ufikelwe wumcabango wokufa, kube ngethi Umendo 2 ekhuluma ngesimo sokuthenjiswa umshado kepha kugcine kungafezekanga, nethi Ngafa Inhlamba yona ekhuluma ngesimo sokufakelwa ingcindezi yokuthi ushade keubeni uzibona kahle ukuthi awukakalungeli," usho kanje.

Lo msebenzi uphrojuswe wu-China, uMinero, uSamukelo Ngobese, DJ Toxi noPrince Bulo - kanti emacikweni apikiwe kuhona o-Azant waseNigeria, uLington, uMaraza, u-Imacsoul, uDr MaVibes, uMakhosi, uStarr Healer, Mnqobi Yazo; namaciko omaskandi oMjolisi, Inkosi Yamagcokama, Shwi, Maganga Thishela, Luve Dubazane noMzukulu.