UMSUNGULI weLadysmith Black Mambazo ongasekho uJoseph Shabalala
Image: Marilyn Bernard
KUQAQAMBA inhliziyo kunkosikazi womsunguli weLadysmith Black Mambazo, uJoseph Shabalala, ngomcimbi wokuhlonipha umyeni wakhe ozoba seThekwini, ngoLwesithathu, athi akaziswanga lutho ngawo.
Umcimbi, i-African Icons Tribute Concert, uhlelwa yingwazi uLebo M wodumo lweThe Lion King. Uzoba sePlayhouse, lapho kuzonandisa khona indodana kaShabalala, uNkosinathi Shabalala, Thee Legacy, Big Zulu, Khuzani, Blaq Diamond, Sjava, Boity Thulo nabanye.
Unkosikazi kaShabalala, uThokozile Shabalala, uthe uthukile futhi waphatheka kabi ngesikhathi ezwa ngomcimbi.
Yena neDkt Joseph Shabalala Foundation bathumele isitatimende beziqhelelanisa nomcimbi.
UShabalala owahola iMambazo eyanqoba izindondo ezinhlanu zamaGrammy ushone ngo-2020, emuva kokungaphatheki kahle isikhathi eside.
UNkk Shabalala utshele Isolezwe izolo emini, ukuthi uphelelwa ngisho ngamazwi uma kumele akhulume ngalo mcimbi.
ULEBO M ohlela umcimbi wokuhlonipha uJoseph Shabalala ozoba sePlayhouse eThekwini, ngoLwesithathu
Image: Multichoice
“Ngithukile uma kuthiwa uJoseph Shabalala. Angazi ngingabeka ngithini. Mhlawumbe umthetho waseNingizimu Afrika obavumayo, abafelokazi abamelelekile. Kwalo muntu uLebo M angimazi. Angikazi ngimbone nalayi khaya ubaba esaphila noma esegula. Ingiphathise ngokhwantalala le nto,” kusho uNkk Shabalala.
Uqhube wathi: “Ngibe nokudideka okukhulu ngazibuza ukuthi ngokuhamba kukababa, abantu sebejabule sebezenzela imali. Yini inhloso uthando noma injabulo yokuthi nangu useshonile? Pho kwenziwa singazi lutho? Sisanesilonda asazi lutho.”
Uthe bekungaba kuhle ukuthi bewumndeni baziswe.
Uthe uma iLadysmith Black Mambazo kukhona ekwenzayo egameni likaShabalala iyamazisa futhi ihambe naye nasezindaweni nokuyinto emjabulisayo.
“Noma ubaba esegula wayeke angiqhwebe abuze ukuthi umsebenzi wabantwana uhamba kanjani, bese ngimtshela ukuthi bayasho uma behamba. Ubone ngaye esemoyizela. Umsindo yinto engingayithandi. Nanamhlanje angiyanga esontweni, ngikhuleke endlini ngoba ngicasuke ngabuya nganeno ngoba ngicabangela ubaba, umsindo wayengawuthando. Akukwazi ukwenzeka into ngomyeni wami ngingazi,” usho kanje.
UZamafiso Mngomezulu weDkt Joseph Shabalala uthe zikhona izinyathelo abazozithathela abahleli bomcimbi kodwa wathi ucela ukungandi.
Okhulumela abahleli, uSimphiwe Majola, uthe basibonile isitatimendeni somndeni kaShabalala.
Uthe bayamhlonipha uShabalala ngamagalelo akhe emculweni kuleli nasemhlabeni jikelele.
“Sihambisana nesibophezelo senhlangano sokugcina umlando wakhe nokuhlonipha amagalelo akhe amakhulu. I-Till Dawn Productions yathumela isimemo yakhuluma nenhlangano futhi sikubheke ngabomvu ukuyisingatha kahle nomndeni kaDkt Shabalala,” kusho uSimphiwe.
Uthumele ubufakazi beWhatsApp, becela imenenja yeqembu, uXolani Majozi, umayelezo ukuthi adlulise isimemo emndenini.
UMajozi uthe isimemo usithole ngesonto eledlule, sekuvele kunezikhangiso zomcimbi futhi umndeni usubuza ngawo.
“Inkinga wukuthi akekho oye kuMama uShabalala oshade nobaba uShabalala eyofuna izibusiso ngaye. Isimemo siza emuva kwendaba futhi ngasithola ngasidlulisa emndenini,” kusho yena.
Related Topics: