UMCULI wokholo, uMlu Ninela, oshone ngoLwesihlanu, emuva kokugula
Image: Facebook
KUZOKHISHWA umculo oshiywe wumculi wokholo odlule emhlabeni ngoLwesihlanu, uMluleki "Lamula" Ninela ngenhloso yokuthi umndeni wakhe uhlomule.
UMlu (40), odume ngengoma ethi Lamula, ushone emuva kokugula isikhathi.
Umngani wakhe obephinde asebenze naye enkampanini yakhe yokuqopha iLMP Studios, uLwazi Mngomezulu, uthe bebengazi ukuthi ukugula sekungaze kumthathe.
"Ugulile yena kodwa hhayi ukuthi ubesegulela ukuthi angaze ahambe. Angazi noma ubengikhohlisa," kusho uLwazi osesebenze nenqwaba yabaculi bowokholo abadumile.
Uthe uMlu, odabuka eMlaza kodwa osakhe KwaFelekisi, ubemsiza kakhulu e-studio sakhe ngokuqopha abaculi.
"Ubengeseka kakhulu embonweni enginawo enkampanini. Mina bengifike ngenze izinsimbi yena bese eqeqesha abaculi ukuthi bacule kanjani ngoba mina angikwazi ukubaqondisa. Uma sebeqedile bese ngiyabuya sengihlanganisa kahle. Impilo ibiba lula noma ngingekho ehhovisi ngifike eselungisile zinto," kuchaza uLwazi.
Uthe udlule emhlabeni enenqwaba yezingoma aziqophile abethi uzozikhipha.
"Ngemuva komngcwabo kuzomele ngiziqoqe zonke bese ngiyazikhipha ukuze umndeni uzokwesekeka ngemali," usho kanje.
Umchaze njengomuntu obehlonipha futhi noma bephambane ngemibono ekwazi ukubuya azehlise axolise.
Uthe ushiye emhlabeni umkakhe, izingane ezinhlanu nabafowabo abane.
Inkonzo yesikhumbuzo izoba sehholo eGreenwood Park ngo-1 emini namuhla.
Umngcwabo uzoba sehholo kwa-C eLovu, ngoMgqibelo.
Related Topics: