URINGO Madlingozi wahlonishwa ngendondo ye-Lifetime Achievement kuma-South African Music Award nyakenye
Image: instagram
SEKUVULIWE ukuphakamisa amagama abazohlonishwa ngeLifetime Achievement Award ne-International Achievement Award kumaSouth African Music Awards (Sama) anonyaka.
Ngonyaka odlule kwahlonishwa uRingo Madlingozi noSipho "Big Fish" Makhabane ngeLifetime Achievement Award. I-International Achievement yanikezwa uTyla.
Umklomelo iLifetime Achievement unikezwa abafake isandla ekuthuthukiseni umculo kuleli. Kwi-International Achievement kuhlonishwa amaciko aseNingizimu Afrika enza okubonakalayo phesheya kwezilwandle.
Okhulumela amaSama, u-Unati Gwija, uthe lezi zindondo zingaphezu kwemiklomelo ngoba zibungaza amavulandlela agqamise umculo.
"Le minxa isivumela ukuthi sijeqeze emuva bese sibungaza labo ubuciko babo obukhuphule hhayi kuphela imboni kodwa isizwe sonke. Sigqugquzela abantu ukuthi baphakamise amagama ezingwazi ezifanele eziqhubeka nokugqugquzela umhlaba," kusho u-Unati.
Ukuphakamisa amagama kuvulwe kuze kube ngu-Okthoba 16. Uthumela igama nezizathu zokuthi kungani kumele ahlonishwe [email protected].
AmaSama anonyaka azoba ngoNovemba futhi imininingwane ephelele ngomcimbi ayikaqinisekiswa.
Khonamanjalo, kuyaqhubeka ukwamukelwa kwemingenelo kumaCrown Gospel Music Awards. Le miklomelo izobe igubha iminyaka engu-18 yasungulwa.
Ukungenela kuzovalwa ngoSepthemba 30
AmaCrown, asungulwa wuZanele Mbokazi ongasekho, azoba ngoNovemba 23 endaweni engakadalulwa.