Ezokungcebeleka Umculo

Kubuya iDurban Jazz Festival ebhuntshe ekugcineni nyakenye

Fanelesibonge Bengu|Published

UZONKE Dikana enandisa kwiDurban Jazz Festival ngo-2023

Image: Instagram

IYABUYA indumezulu yomcimbi oba ngoDisemba 26, iDurban Jazz Festival, eyabhuntsha sekusele izinsuku izinsuku ezimbili isingathwe ngonyaka odlule.

Lo mcimbi, obujwayele ukuba seHazelmere Dam ngaphambi kokuthuthela eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), uneminyaka engu-21 usingathwa.

Ngesikhathi uhoxiswa, abahleli bamemezela ukuthi kube yizizathu ezingaphezu kwamandla ezenze kwaba nzima ukuqhubeka namalungiselelo.

UMANDISI Dyantyis ungomunye wabaculi abake banandisa kwiDurban Jazz Festival

Image: Instagram

Kwamenyezelwa ukuthi abathenge amathikithi bangakwazi ukuwasebenzisa emcimbini ozohlelwa kabusha noma babuyelwe yimali yabo.

Awubanga khona umcimbi ohlelwe kabusha.

Nokho nonyaka umhleli wayo, uMdu Ngcobo, uqinisekise ukuthi nakanjani uyabuya.

Usho lokhu nje, uMasipala weTheku ugunyaze ukuthi umcimbi uxhaswe ngo-R1 million.

"Umcimbi uzoba khona siyathembisa kodwa ngeke ngande kakhulu," kusho uNgcobo.

Uthe iDurban Jazz Festival wumcimbi omkhulu okungeke bawuyeke ufadalale nokuyingakho benza konke ukuwubuyisa

Udalule ukuthi inkinga yokugqoza kwabaxhasi yiyo eyenza kube nzima ukuhlela.

"Kunzima ukuthola abaxhasi noma yikuphi, ungabuza noma ubani ohlela imicimbi. Uhulumeni awusafani kodwa kungcono eThekwini. Uhulumeni wesifundazwe iwona oyinkinga. Ngonyaka odlule, basho into engekho sathi ngeke sikwazi ukuqhubeka ngento enje ngoba kuyabiza ukuhlela umcimbi walolu hlobo. I-ICC iyabiza ayidlali. Abaculi nabo bayabiza. Uzothi uyaqhubeka uyaphoqa bese uyazisola emuva komcimbi ususele ukhamisile ucwile ezikweletini," kusho uNgcobo.

Uthe imininingwane ephelele bazoyidalula ngokuhamba kwesikhathi.

Lo mcimbi uzakhele udumo ngokusingatha izilomo zabaculi abahlukene okubalwa kubo uSelaelo Selota, Naima Kay, Mandisi Dyantyis, Nduduzo Makhathini nabanye abaningi.