UMONDLI Ngcobo enandisa ngokuhlanganyela noKelly Khumalo emcimbini
Image: Instagram
UPHROJUSA ophinde abe wumculi ohlonishwayo, uMondli Ngcobo, uphendula abalandeli bakhe noKelly Khumalo abafuna bakhiphe i-albhamu ngokuhlanganyela.
Laba bobabili baziwa ngokukhipha ulozolo lwezingoma uma behlangene. Kokunye uMondli akaculi kuzo kodwa ugcina ngokuziphrojusa.
Phakathi kwabazicule ndawonye kubalwa kuzo ethi Mina Nawe, Ngathwala Ngaye ne-Uzoma. Kwaziphrojusa wazibhala kubalwa kuzo i-Empini, Esphambanweni uKelly apike kuyo uHlengiwe Mhlaba nezinye.
UMondli upikiwe futhi engomeni yakamuva kaKelly ethi Nyamezela ekwi-albhamu ezophuma ekupheleni kwenyanga.
Utshele leli phephandaba ukuthi baningi abahlale bebacela ukuthi bakhiphe i-albhamu ngokuhlanganyela.
“Nathi sake sayicabanga kodwa isikhathi esifanele asikakafiki. Ngeke ngithi kusezinhlelweni kodwa kukhona ezifisweni zethu. Kubuye kube isicefe ukuthi uyenza kanjani le nto, ngayiphi inkampani. UKelly use-Universal Music angikho khona mina,” kusho uMondli onenkampani yakhe yokuqopha iM Word Productions.
Uthe akanayo impendulo eqondile ukuthi yini eyenza abakupheka ndawonye kuzwakale kamnandi ezindlebeni zabathandi bomculo wabo.
“Ngingumuntu ozamayo nokusho ukuthi uma ngizama naye kuyazameka. Angizami naye kuphela ngizama nawo wonke umuntu futhi ngizolokhu ngizamile. Okunye ukuthi kukhona uzwanomoya ngokomculo olukhona phakathi kwami naye,” kusho uMondli.
Uveze ukuthi naye ulungiselela ukukhipha ingoma yakhe entsha njengoba selokhu agcina ngethi Makoti ngo-2017.
“Kunengoma engiyiqophe no-Ayanda Ntanzi. Sekusele kancane iphele bese ngiyayikhipha. Kuzoba yingoma yokholo. Ngaba nale ngoma emqondweni kwase kungicacela ukuthi umuntu ongayicula kangcono ngu-Ayanda. Uthe uma eseculile ngangazi ukuthi mina ngizoculani ngoba useyicule yonke ngendlela engifisa ngayo kwangithatha isikhathi ukuthi ngibone ukuthi ngizongena kuphi.”
Related Topics: