Ezokungcebeleka Umculo

Ubonge imikhuleko ekhishwa esibhedlela owasinda engozini eyadlula nomngani

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DJ Chymamusique ephuma esibhedlela izolo, emuva kokulimala engozini yemoto ngenyanga edlule

Image: Instagram

UBONGE imithandazo ekhishwa esibhedlela uDJ Chymamusique owalimala kanzima engozini yemoto okwafa kuyo umngani wakhe, uDJ Poizen, eLimpopo, ngenyanga edlule.

UChymamusique noDJ Poizen babephuma eMokopane, lapho babeyothula khona ama-albhamu abo aphume ngo-Agasti.

UPoizen ukhiphe iNgiphe enengoma yomculo wokholo uMalusi Mbokazi ethi Udondolo aseyenze kabusha. UChymamusique yena ukhiphe iMusique Collaborated Vol 1 ngo-Agasti 21.

Ingozi kuthiwa yenzeka kuthelawayeka uN1. UMnyango wezokuThutha eLimpopo ucashunwe ezindabeni uthi izimoto ezingama-sedan zishayisane maqede zagqamuka amalangabi, kwafa abahlanu kwalimala ababili.

UChymamusique udedelwa esibhedlela nje, ekuqaleni kwesonto eledlule kukhishwe isitatimende lapho kuvezwe khona ukuthi usekhishiwe egunjini labagula kakhulu emuva kokuhlinzwa izikhawu ezine.

Sithe kusele ahlinzwe okokugcina.

Itshe lesikhumbuzo sikaDJ Poizen

Image: Limpopo Chronicle

Izolo, ufake i-video ephuma esibhedlela ngesihlalo esinamasondo. Emlenzeni ngakwesokudla ubekhonkile komunye efake i-moonboot esiza iqalakala uma lithintekile.

Iso lakwesokudla belingavulekile kahle.

“Ngiphumile esibhedlela ukuzama ukuyolulama ekhaya. Ngiyabonga imithandazo, ukwesekwa nothando,” kusho uChymamusique ngamafuphi.

UChymamusique akagcini ngokuba uphrojusa noDJ uphinde abe ngunjiniyela wemisindo.

Ngo-2022, waqoqa izindondo ezintathu kuma-South African Music Awards emunxeni weMale Artist of the Year, Album of the Year neBest Dance Album nge-albhamu yakhe iMusique.

Yayigabe ngezingoma okubalwa kuzo iPraise Him, Belong nezinye.

Khonamanjalo: Ungcwatshiwe eTzaneen, eLimpopo, ngoMgqibelo uDJ Poizen.

Ithuna lakhe lifakwe itshe lesikhumbuzo elikhulu elihlotshiswe ngomfuziselo wakhe, okungathi yimishini esetshenziswa oDJ kanjalo nama-headphone.