Ezokungcebeleka Umculo

Ubonga amagalelo enkakha uMthuthu eqokwa kumaSama

Fanelesibonge Bengu|Published

UMTHUTHU oqokwe kumaSouth African Music Awards nonyaka nge-albhamu yakhe Indumiso YabeNguni

Image: Sithunyelwe

UBABAZA amagalelo enkakha uMadala Kunene emsebenzini wakhe umculi oqokwe okokuqala kumaSouth African Music Awards (Sama) anonyaka.

UNtuthuko “Mthuthu” Ndebele uqokwe emunxeni weBest African Adult Contemporary Album nge-albhamu yakhe ethi Indumiso YabeNguni.

“Ubaba uMadala ngahlangana naye ngiqopha i-albhamu yami yokuqala Indumba (ayikhipha ngo-2022). Sengenza eyesibili Indumiso YabeNguni kuyona yonke ube nesandla emaculweni amabili. Amanye bengiqopha bese ngiya kuye alalele bese eyangicebisa ukuthi ngenze kanjani. Umculo wesintu unendlela yawo ngakho ukuba khona kwakhe eduze kwami kulethe isigqi sodwa ngoba besithatha enqolobaneni yakhe,” kusho uMthuthu.

Emunxeni akuwo uqhathwe noZamajobe (Umi), Thandiswa Mazwai (Sankofa), Zoe Modiga (Nomthandazo) noNdu Shezi (Isibusiso Sami)

“Kusho lukhulu kakhulu kimina ukuqokwa ngoba nginomlando othe ukuba mude ngokomculo. Ngithe uma sengisuka kwi-house ngangena kulo mkhakha we-African Jazz ngamukelwa ngesasasa ngabantu asebevele beyihambile indima. Abantu engiqokwe nabo abantu ebengifunda kubo kakhulu. Abanye noma ngingakaze ngihlangane nabo kodwa ngokuthanda umculo wabo bengifunda endleleni abenza ngayo. UZamajobe sikhule ehamba phambili. UThandiswa usemnkatshubomvu. UZoe Modiga ngike ngahlangana naye eGoli emcimbini weza kimi ngiqeda ukucula wangithakasela ethanda indlela engihlabelela ngayo. UNdu Shezi lapho ekhona uyazi ukuthi ngiyawuthanda umculo wakhe,” kuchaza uMthuthu.

Lo mculi uqale ukuqopha ngo-2005 enza izinkondlo ne-hip hop. Kuthe ngo-2009 washintshela kwi-house. Ukhiphe izingoma okubalwa kuzo Uvalo apikwa kuyo nguSt. Nicolas nezinye.

“Ukuqopha ngakuqala oLundi endaweni okuthiwa Indonsa ngoba sasikwazi ukungena khona. Ekuculeni kwami i-house ngangazi ukuthi yisiphi isigqi engiya kuso. Ukuqala kwami kodwa ukuthi ngisenze kwenzeka eDUT (Durban University of Technology) ngimenywe emcimbini wosonkondlo kwase kuthiwa angibingelele. Ngabingelela ngehubo laduma ezinkundleni zokuxhumana kwaba yisibonakaliso sokuthi nansi le nto engiyifunayo ngangabe ngisabheka emuva.”

Abanqobe kumaSama kulindeleke ukuthi bamenyezelwe noNovemba emcimbini imininingwane yawo engakaqinisekiswa.