AMALUNGU eNdlovu Youth Choir
Image: SITHUNYELWE
IKHWAYA yaseLimpopo, iNdlovu Youth Choir, eyagqama ngenkathi ingenele umncintiswano i-America’s Got Talent ngo-2019, isimemezele ukuthi izimisele ukuhlonipha nokubonga abalandeli bayo ngokuyeseka emculweni ngomjikelezo wamakhonsathi azoqala ngoLwesihlanu kuze kucishe kuphele yonke le nyanga ukujabulisa abathandi bobuciko.
Lokho kushiwo ngelinye lamalungu aqavile kuleli qembu uSandile Majola ngenkathi exoxa neSolezwe, lapho edalule khona ukuthi konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi obese kuyisikhathi eside befisa ukuwenza kepha bethiywa wukuhlale bematasa behambela izindawo ezahlukene emazweni ahlukene ase-Afrika naphesheya kwezilwandle.
Umjikelezo wekhonsathi yomculo uzoqala ngoLwesihlanu eMeropa Casino ePolokwane, bese uqhubekela kwezinye izindawo ezikoMbombela eMpumalanga, Rusternburg eNorth West, Kimberly eNorthern Cape, Soweto eGoli, Bloemfontein eFree State, bese usongwa eSunBet Arena ePitoli ngoSepthemba 24.
“Bekuhlale kusikhathaza ukuthi selokhu saqala ukugqama emculweni eminyakeni eyisithupha edlule asikaze senze umcimbi omkhulu kangaka, ngakho sijabule ngokuthi ekugcinseni sekuze kwalunga yize singakwazanga ukuhlelela ukuthi sihambele zonke izifundazwe, kepha sigculisekile ngokuthi sizokwazi ukujabulisa abalandeli bomculo wethu ezifundazweni eziningi ngoba besingefike lapha ngaphandle kwabo,” kusho uMajola.
Eqhuba uthe ngale kwalolu chungechunge lwekhonsathi, kukhona necwecwe labo elisihloko sithi From Limpopo To The World EP, eliphume ngesonto elidlule - eligabe ngengoma yeqembu lomculo lase-England i-Queen ethi Bohemian Rhapsody, okungokokuqala ukuthi yenziwe yibona kabusha, futhi bayenza ngesiZulu.
“Lokhu kube yinto enhle nemqoka kakhulu kithina ikakhulu ngoba sithole imvume kwamanye amalungu aleli qembu asaphila, futhi kuyisigaba esikhulu kakhulu kithina ngoba le ngoma ikwezaduma kakhulu emhlabeni kusukela iphuma ngo-1975 esithemba ukuthi abantu bazoyithakasela kakhulu njengoba isiqalile ukusabalala ebantwini abaningi abakhombisa ukuyithakasela kakhulu,” kuchaza uMajola.
Uthe leli cwecwe selikhona kuzona zonke izitolo zomculo ze-internet, futhi amathikithi ochungechunge lomcimbi wabo abiza kusuka ku-R260 eWebtickets umcimbi ngamunye.
AMALUNGU eqembu lekhwaya iNdlovu Youth Choir
Image: SITHUNYELWE