Ezokungcebeleka Umculo

Izilomo zizomela izwe emiklomelweni yabaculi base-Afrika

Fanelesibonge Bengu|Published

UNALEDI Aphiwe ungomunye wabaculi bakuleli abaqokwe kuma-Afrima

Image: X

ABACULI baseNingizimu Afrika bazogqamisa izwe emiklomelweni ama-All Africa Music Awards (Afrima), lapho beqhathwe khona nozakwabo bakuleli zwekazi.

Imiklomelo abaqhathwe kuyo selokhu yaqala ukuba khona kusuka ngo-2014.

Imingenelo yakulo nyaka abahleli bayo bathe ibe ngu-10 717, okuyisibalo esikhulu asebake basithola.

Imiklomelo yanonyaka izoba seLagos, eNigeria phakathi kukaNovemba 25 noNovemba 30.

Phakathi kwabaculi abazobe bemele izwe kubalwa iBlaq Diamond eqokwe emunxeni weBest African Duo Group Band.

UNomcebo Zikode, DJ Maphorisa, Master KG, Black Coffee noMawhoo, baqhathwe emunxeni weBest African Artiste, Duo or Group in African EDM, House, Techno.

Umculi waseThekwini ofike kwezwakala uNaledi Aphiwe, uqokwe emunxeni weBest African Artist, Duo or Group in African RnB & Soul nengoma ethi Romeo & Juliet, ayishaya noMawelele.

Abanye bakuleli abaqokiwe eminxeni eyahlukene kubalwa uBig Zulu, Nasty C, Usimamane, Blaq Major, Tyla, Lwah Ndlunkulu, GL Ceejay, Thukuthela, Jazzworx, Kabza de Small, Oscar Mbo, Kelvin Momo, Nontokozo Mkhize nabanye.

Ukuvota kuzovulwa ngoSepthemba 10 kwi-website yakhona i-afrima.org, okuyilapho uhla oluphelele lwabaqokiwe lufakwe khona.