Ezokungcebeleka Umculo

Impelasonto emnyama ukufa kugadla kwezobuciko

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI wokholo, uMlu Ninela, oshone ngoLwesihlanu, emuva kokugula

Image: Facebook

NGESIKHATHI umculi wokholo, uBabo Ngcobo, ebhalela uzakwabo, uMlu Ninela, ingoma ethi Lamula, wayengazi ukuthi iyogcina isiba yigama lakhe lesidlaliso.

UMlu (40), ukhiphe lo mucu eminyakeni emihlanu eyedlule, okuyiwo abaningi abagcine bemazi ngawo.

NgoMgqibelo, ekhasini lakhe likaFacebook, kumenyezelwe ukuthi udlule emhlabeni ngoLwesihlanu.

UBabo utshele Isolezwe ukuthi njengombhali wezingoma eziningi, akabi nayo inkinga uma kunomculi oyicelayo.

“Ingoma wayicela kanti iyona ezokwenza umehluko empilweni yakhe. Ngangingazi kuzoba njalo. Ngayibhala yonke futhi wayicula njengoba ngiyibhalile, okuyinto eyangijabulisa,” kusho uBabo opikwe uMlu engomeni ethi Ngishaya Impempe.

Uthe usebenze kakhulu noMlu njengomdidiyeli nanjengonjiniyela wemisindo e-studio. Uthe maningi namanye amaciko asebenze nawo.

U-DJ Poizen odlule emhlabeni esanda kukhipha i-albhamu entsha ethi Ngiphe

Image: Instagram

“Bengibuka nje imiyalezo abesanda kungithumelela yona ethi uma eselulama ucela ngimenzele enye ingoma ezokhuluma ngokuphunyuka kwakhe ekuguleni. Bengimthembisa ukuthi uzolulama nakho-ke uNkulunkulu usenze ngendlela yakhe. Okungijabulisayo kodwa wukuthi ulisebenzisile ithuba lakhe. Ngithinteke kakhulu emoyeni ngokusebenza kakhulu ehlula abanye asebeneminyaka bevelile emculweni. Washada wakha nekhaya labantwana bakhe, wenza izinto eziningi. Sengathi umndeni nabantwana bangaqina,” kusho uBabo othe umazela eMlaza.

Khonamanjalo: Ilokhu ingene njalo imiyalezo yenduduzo neyokufisela ukululama kophrojusa noDJ be-deep house, ababe sengozini yemoto bebuya konandisa eMokopane, eLimpopo, ezintatha ngoMgqibelo.

Engozini kushone uCaven “DJ Poizen” Masetla, kwalimala kanzima uChymamusique obehamba naye.

Bebephuma ukuyonandisa emcimbini wokwethula ama-albhamu abo ePV Lifestyle.

UPoizen ukhiphe iNgiphe ekuqaleni kuka-Agasti, kwathi uChyma, onezindondo kumaSouth African Music Awards nakumaMetro FM Music Awards, wadedela iMusique Collaborated Vol 1 ngo-Agasti 21.

Ingozi kuthiwa yenzeke kuN1. UMnyango wezokuThutha eLimpopo ucashunwe ezindabeni zeSABC, uthi izimoto ezingama-sedan zishayisane maqede zagqamuka amalangabi. Kufe abahlanu kwalimala ababili.

Imiyalezo yenduduzo ilokhu ingene njalo.

Umculi wokholo uMalusi Mbokazi, uDJ Poizen owenze kabusha ingoma yakhe ethi uDondolo, uthe uphatheke kabi ngokudlula kwakhe.

“Uqeda kwenza umlingo ngokwenza kabusha ingoma yami, uDondolo nange-albhamu yakhe entsha. Baqinisile ukuthi siyahlela kodwa uNkulunkulu okhethayo. Ngidlulisa amazwi enduduzo emndenini, ethimbeni nakwimenenja yakhe. Sengathi uNkulunkulu angaba nani ngalesi sikhathi esinzima. Ngicela sibeke noChymamusique emithandazweni yethu,” kusho uMalusi.

Umsakazi weRadio 2000, uDJ Sbu, uthe ubesanda kuhlangana okokuqala noPoizen kwiDurban July, emuva kokuthanda umculo wakhe iminyaka. Uthe ubesakubheke ngabomvu ukuba naye emsakazweni njengoba bebehlelile.

“Ngithandazela izihlobo, umndeni, abalandeli nabangani. Ngithi dudu. Nxese. Alwehlanga lungehlanga.”

Baningi nabanye abadlulise amazwi enduduzo.