UMASKANDA, uNontelezi, ogqame ngengoma ethi Impi Yombango
Image: Sithunyelwe
UMCULI kamaskandi uSiphelo "Nontelezi" Mramba, akagcini ngokubamba ushoki acathulise abafundi kodwa usebenzisa nomculo ukwenza lokho.
UNtontelezi (28) odabuka eMount Frere, uthe umculo wawuthanda kusuka eneminyaka eyisishiyagalombili kodwa wabeka imfundo phambili.
"Umndeni wami, njengeminye imindeni wabeka imfundo eqhulwini. Ngakuhlonipha lokho ngase ngithola iziqu zobuthishela. Uthando lwami lomculo ngendlela olwaluqine ngayo nokukholelwa kimi yikho okwangenza ngaqhubeka nephupho lami emculweni," kusho uNontelezi ofundisa isiNgisi neMaths Literacy.
Lo mculi usanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Uphephela enengoma afolosa ngayo Impi Yombango.
"Ngisebenzisa umakandi ukuthinta abanye. Umculo wami ukhuluma ngezinto engizithintayo njengomuntu omusha. Lokho kuyasiza ukugqugquzela ukuthi impilo siyiqhuba kanjani. Ngiphila umculo engiwubhalayo ngoba umculo wami uyafundisa futhi uyagqugquzela. Ufundisa ngokuziphatha empilweni."
Uveze ukuthi kusekuningi afuna ukukuzuza emculweni njengeciko njengokusabalala umhlaba wonke.
Related Topics: