USHINGA Lezintombi uzokhipha ingoma yakhe yokuqala ngoLwesihlanu, apike kuyo uNaima Kay noZakwethu
Image: Sithynyelwe
UMCULI wasePort Shepstone, uNaima Kay, ube nesandla ekunikweni ithuba kwentokazi yangakubo esitebeleni aqopha kuso iTouch Africa Records, njengoba ngoLwesihlanu izokhipha ingoma yayo yokuqala.
Ngokusho komphathi weTouch Africa Records, uMdu Ngcobo, isunqumo sokusayinisa kwakhe umculi omusha uSimbongile "Ishinga Lezintombi" Shezi (24), usithathe emuva kokubonisana noNaima phakathi kwabanye. Uthe utshelwe ngaye wumculi ophinde abe wuphrojusa uZakwethu.
"Ngizwise noNaima waphasisa sase siyaqhubeka njengoba sesimkhipha ngoLwesihlanu.
UShinga Lezintombi, odabuka eThuvukezi, ePort Shepstone, uzokhipha ingoma i-Oxygen apike kuyo uNaima Kay noZakwethu.
Echaza ngale ngoma, uthe ikhuluma ngomuntu wesilisa osebukela phansi owesifazane abenobudlelwano naye. Uthe ingoma ibhalwe uZakwethu.
"Yingoma yami yokuqala ngqa, ayikho engike ngayenza ngaphambilini. Kuwukufezeka kwephupho le minyaka. Umculo ngikhule nginothando lwawo kusuka ngisemncane," kusho uShinga Lezintombi ocula i-AfroKandi.
Uthe esikoleni, lapho eqede khona u-matric eMgudlwa High ngo-2021, ubephambili emakhwayeni futhi enza namahubo.
"Ngiqede u-matric, ngabamba amatoho ngingakasitholi isikole kodwa uthando lomculo lulokhu lukhona. Ngonyaka odlule, ngiqale izifundo zami zeFarming Management eCoastal College. Ngiyajabula ukuthi sengizoziphothula nephupho lami lomculo seliyafezeka. Okuyikhona engifuna ukukwenza ukudlulisa umyalezo enginawo. Ngifuna ukuphilisa abantu bakithi ngomculo ngoba nami ungakhile. Izingoma zami eziningi zikhuluma ngekhaya, ukuxolelana, ubumbano nokufezeka kwamaphupho," kuchaza yena.
Uthe uyajabula nokuthi uNaima Kay umamukele ngezandla ezifudumele futhi useduze kwakhe ukumcathulisa, wathi lokhu kukhombisa ukubaluleka kokusebenzisana kwabantu besifazane, ikakhulukazi njengoba kuyinyanga yabo.
"Njengabantu besifazane ngiyafisa ukuthi sibambane. Ngifisa wonke umuntu abe nokuphokophela, azimele futhi singathembeli kubantu besilisa."
Related Topics: