Ezokungcebeleka Umculo

AMambazo, Mbuso Khoza noNduduzo Makhathini nengqophamlando ye-albhamu

Fanelesibonge Bengu|Published

ILadysmith Black Mambazo, Nduduzo Makhathini noMbuso Khoza bakhiphe ngokuhlanganyela ingoma ethi You Make Me Happy eyendlalela i-albhamu ezophuma ngo-Okthoba

Image: Sithunyelwe

UKUGCINA umlando nokuqhakambisa isintu kungezinye zezizathu ezenze abaculi abahlonishwayo iLadysmith Black Mambazo, Nduduzo Makhathini noMbuso Khoza benze ngokuhlanganyela i-albhamu, i-One World, One Voice, ezophuma ngo-Okthoba.

Izolo lezi zingwazi zikhiphe umucu owendlalela i-albhamu obizwa ngokuthi i-You Make Me Happy.

Imenenja yeqembu uXolani Majozi nokunguye obe nombono womsebenzi, uthe ukwenza umculo ofanayo ogcina umlando noqhakambisa ububona yikho okwenze wabona kukuhle ukuthi basebenze ngokuhlanganyela.

“Umculo wethu ukhombisa into eyenzekayo emphakathini njengamanje. Ukhuluma ngesimo sempilo nangokwezepolitiki,” kusho uXolani.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ebesise-studio abebeqopha kuso eGoli izolo uthe msebenzi uyingxenye yokugubha iminyaka engu-65 kwasungulwa iqembu.

“Sifuna ukuthi kube umculo wabantu asebekhulile kodwa ukwazi nokukhuluma nabantu abasha. Yingakho sizokwenza kabusha ezinye zezingoma esizenzile ngokumema ophrojusa abahlukene. Kule ngoma esiyikhiphile simeme uDJ Maphorisa ukuthi ayenze kabusha nezinye izingoma. Kukhona nabanye esisebenza nabo. Sizokwenza nenye eshaya ngesigqi se-Afro Tech kuphinde kube khona nenye eyeThree Step. Sifuna ukuthi ithinte wonke umuntu,” kusho uXolani othe sebebheke ukwengeza indondo yesithupha ye-Grammy.

Uthe yinto engakaze ibonakale futhi okuyoba nzima ukuthi iphinde yenzeke ngomuso.

UNduduzo, ongudokotela kwezomculo, uthe uqale ukusebenza neMambazo ngesikhathi befika esafundisa enyuvesi yaseFort Hare bezokwenza isifundo ngomsunguli weqembu ongasekho, uJoseph Shabalala.

Uthe benze izingoma ezintsha kodwa baphinde benza nezinye zeMambazo bazenza ngendlela yesimanje manje. Phakathi kwabazenze kabusha kubalwa ethi Leli Lungelo Ngelakho.

“Kuthathwa ingoma enjalo siyibheke ngesikhthi samanje mhlawumbe uMkhathini (Mbuso) afake ivesi elisha eselikhuluma nezimo esibhekene nazo manje emphakathini. Kuningi okwenzeka la, akukhona ukuqopha umsebenzi lo kuphela kodwa kuyindlela yokuthi uma sinomlando esiziqhenya ngawo siyaba naso yini isikhathi sokuthi sike sibuyele emuva siyowubheka siwubuyekeza kube khona izinto ezigcwaliselwayo bese siwuqhubekisela phambili ukuze izingane nezizukulwane zethu zifice iMambazo isesekhona,” kusho uNduduzo.

Uthe okuhle ngalo msebenzi ukuthi uhlanganisa i-jazz, isicathamiya namahubo okuthi uma kuhlangane kube yisitayela esisha. Uthe kuzomele bahlale phansi baqhamuke negama laso ngoba abekho asebake bakwenza phambili.

UMbuso uthe umculo wabo ukhuluma kakhulu ngobunye.

“Uma ungabheka umyalezo kababa uShabalala, usolwazi eminyakeni edlule wayevamisile ukukhuluma ngalento yokuthi abantu ababumbane. Abantu abansundu bangalwi noma ngabe uyiliphi iqembu bangalwi. Uyayikhumbula ingoma eyayithi we-IFP, siyi-ANC asihlangane ndawonye kudala. Sengisho ukuthi uma uthi uyalalela izingoma eziqanjwe umfowethu uSibongiseni, uThulani nobhuti uThami uyabona ukuthi ukhona loya mongo wokuthi abantu noma izimo zinje emhlabeni kodwa ake sibambane sibone ukuthi umhlaba ubheka ngakuphi,” kusho uMbuso.

UXolani uthe umgubho weminyaka engu-65 ngeke ugcine nge-albhamu kodwa uzoqhubeka ngomcimbi ozoba seState Theatre, eThekwini nakwezinye izindawo ngaphambi kokuphela konyaka.