Ezokungcebeleka Umculo

UNduduzo Makhathini upheka incwadi ngomculo

Fanelesibonge Bengu|Published

UMCULI we-jazz ohlonishwayo, uNduduzo Makhathini

Image: Fanelesibonge Bengu

ISAZI somculo esineziqu zobudokotela kuwo, uNduduzo Makhathini, sesidalule ukuthi simatasa nokubhala incwadi ehluba udlubu ekhasini ngokusuke kwenzeka uma umuntu ecula.

UNduduzo, ongumculi we-jazz ongenasinqa njengoba ehlale ehla enyuka umhlaba, uphinde afundise ngomculo eNyuvesi yaKwaZulu-Natal.

Echaza ngencwadi, uthe isihloko sayo kuzoba yi-Ongoing Rehearsal in Ntu Sonicities.

“Incwadi izama ukukhuluma ngomuntu ukuthi uyini umuntu, iphimbo lomuntu liyini nokuthi uma ucula kusuke kuyini le nto eyenzakalayo, ikakhulu uma kuxhumene nezinto zikamoya. Umoya, yini umsebenzi kamoya uma kuculwa,” kusho uNduduzo.

Uthe icwadi uyibhala ematasa nokuhambela amazwe kwazise usanda kuba se-United States of America (USA). Ngaphambi kwalokho, ubeseJapan nasemazweni ase-Europe.

“Ngixoxa izilokotho zikaNomkhubulwane. Kusho ukuthi sithatha lokhu esikhuliswe ngakho kube iyona ndlela mhlawumbe esithi abantu ababheke ngayo nazi izimo emhlabeni zisihaqile, kunezimpi yonke indawo. Uma sibheka mhlawumbe sithi iphimbo likaNomkhubulwane lithini emhlabeni wonke jikelele.”

UNduduzo ubuye wadalula ukuthi unezinhlelo zokuqhuba umsebenzi abawuqale kwiCape Town International Jazz Festival nonyaka, wokudlala ngokuhlanganyela noBlack Coffee.

Bebesebenza ndawonye ezingomeni eziningi ngaphambi kokunandisa ngokuhlanganyela kule ndumezulu yomcimbi.

“Umsebenzi lo esiwenze noMaphumulo (Black Coffee) usazohamba nawo uqhubeke. Uma ubheka nje le nto yokusebenza nabanye abantu isenhliziyweni yami kakhulu. Umsebenzi esasiwenze noMaphumulo ube nesasasa elihle kakhulu nabantu abebekhona eKapa, bajabula. Kusho ukuthi usazophinde uqhamuke nangelinye ilanga.”

Lo mculi odlala ipiyano ubekhuluma eseGoli, ngoLwesihlanu, lapho bebethula khona ingoma entsha ethi You Make Me Happy abayenze ngokuhlanganyela neLadysmith Black Mambazo noMbuso Khoza.

Lo mucu wendlalela i-albhamu yabo yobathathu i-One World One Voice, ezophuma ekupheleni kuka-Okthoba.