AMALUNGU eBlaq Diamond uNdu Browns noDanya Devs
Image: Instagram
PHEZU kokuthi amalungu eqembu le-Afro Pop iBlaq Diamond, akhipha umculo ngokwahlukana kodwa asazoqhubeka nokucula ndawonye emicimbini.
UNdumiso "Ndu Browns" Mdletshe noSphelele "Danya Devs" Dunywa, abadabuka eMnambithi, balokhu begabisela abalandeli babo ezinkundleni zokuxhumana ngokuthi bamatasa nokupheka.
UDanya oza nomucu i-1 Million ngo-Agasti 21, uzobe engaqali ukukhipha yedwa njengoba phambilini adedela ezinye ezintathu.
UNdu yena ngakolunye uhlangothi uzokhipha ngenyanga azalwa ngayo okuwuSepthemba.
Utshele Isolezwe ukuthi ukukhipha ngabodwana akusho ukuphela kweqembu kangangokuba ngeke baqashwe ngokwahlukana.
"Ngeke ukwazi ukungiqasha ngedwa. Uma sicula singashaya izingoma noma ezimbili esizenza sodwa eceleni. Angizicabangi nokuzicabanga ngingedwa esiteji ngaphandle kukamfowethu. Ngizizwa nginqunu. Ngiyadinga ukuthi ngibe nenkabi esiteji," kusho uNdu.
Uthe umculo yinto abayiphilayo, abakwenzayo kuwukuqhamuka nezindlela ezahlukene zokuwukhipha ngoba muningi abanawo. Ugcizelele ukuthi iqembu aliyi ndawo njengoba kunabanye asebesebenza nabo okubalwa kubo uMawelele, Makhosi futhi kunomunye waseMgungundlovu abasanda kumsayinisa enkampanini yabo Umuthi Records.
"UDanya uyakhipha neBlaq Diamond nayo iyakhipha futhi. Sizokhipha ingoma emnandi esiyenze noMlindo ethi Somandla. Uma ungumthandi womculo kumele ujabule ukuthi muningi umculo ozayo. Esikwenzayo kusivulela ukuthi sisabalale njengoba kwaziwa ukuthi asibambeleli esigqini esisodwa. Yize iBlack Diamond yenza i-Afro Pop kodwa sifaka izinto ezahlukene njengomculo wokholo. Nokukhipha sodwa kuzosenza sikwazi ukuzama okuhlukile," kuchaza uNdu.
Uthe kunabantu ababathanda ngokwahlukana abazojabula ngabakwenzayo. Uthe yena uzokhipha izingoma ezihamba ngazodwa kusuka ekuqaleni kwenyanga ezayo bese elandela nge-albhamu ngonyaka ozayo.
Uqhube wathi umculo awenzayo awuchazeki ngoba uhlanganise izigqi ezingafani.
"Ngenza into engingakaze ngiyenze. Ngifisa ukuthi le nto ihambe umhlaba wonke ingagcini lapha. Kukhona okungathi yiThree Step kodwa enensayo. Umculo wami ngifuna uthinte ingane encane nomuntu omdala."
Uthe ubhale izingoma ngasedlule kukho, umndeni wakhe, ubudlelwano nabantu abahlukene nokunye.
"Uzozwa ngisho ama-voice note kamama wami ongizalayo nabantu engiphila nabo," kusho uNdu.
Related Topics: