UPHROJUSA we-house, uJazzworx, usephumele obala ngokumehlele ethunjwa nozakwabo emculweni
Image: FACEBOOK/JAZZWORX
UPHROJUSA womculo ozakhele udumo ngezingoma zakhe ezidlalwa kakhulu kulezi zinsuku, uKamohelo Monese, owaziwa ngelikaJazzworx, usephumele obala ngobuhlungu abhekane nabo ngenkathi ethunjwa ehamba nozakwabo kwezomuclo uGobokweone Lekganyane odume ngelikaGL Ceejay emculweni.
Laba bobabili basanda kuba izisulu zokuhlaselwa ngodlame olushiye benezilonda zangaphakathi ezithikameze ubuciko babo futhi ezibonakala sengathi zizothatha iskhathi eside ukuphola.
UJazzworx uvule isifuba okokuqala selokhu kwenzeke lolu daba lokuthunjwa kwakhe eveza ukuphuka umoya nangakho konke abalahlekelwe enkundleni yokuxhumana ebizwa ngokuthi u-Instagram.
“Ngifuna ukudikida lolu daba nethimba lami, selokhu sahlaselwa akekho osekhe wakhuluma phakathi kwami noGL Ceejay,” usho kanje.
Kulo myalezo okhishwe uJazzworx ekhasini lakhe le Instagram, udlulise ukubonga okukhulu kubalandeli bakhe nabantu ababekade beseka umndeni wakhe ngokuzobabheka bekhombisa uthando esikhathini esinzima.
Ubhale wathi: “Ngiyabonga kuwona wonke umuntu obekade ekhombisa uthando ezinkundleni zokuxhumana, sengisitholile isibindi sokubuya ngenze into engiyithandayo."
Ngokuka Jazzworx, lokhu kuhlukumezeka kwenzeke esekhaya lakhe indawo okumele kube iyona abalekela kuyo, iyona esetshenziselwe ukubahlukumeza. Abagcinanga ngokubahlasela ngodlame baphinde bantshontsha nezinsiza-kusebenza zabo ebezinomsebenzi omningi ongeke uphinde utholakale.
“Izingoma ebezikuma-khompyutha bekufana namafa ethu,” kusho Jazzworx.
Uphinde wakhuluma nalaba abathi yonke into ayenzayo ihleliwe ukuze akwazi ukuthengisa umculo wakhe kwazise phela uzokhipha i-albhamu ebizwa ngokuthi iThe Most Wanted ekulindeleke ukuthi iphume ngokuphela kwalobu busika.
“Omunye ubengaze azitshele ukuthi konke lokhu kuyiqhinga lokuba sematheni abantu ukuze sisabalalise i-albhamu njengoba nje igama layo kuyiThe Most Wanted, kanti akunjalo. Konke esikushilo ukuthi kwenzekile kwenzeke ngempela futhi ngisathukile,” kusho yena.
Uqhubeke waveza ukukhathazeka ngobuthaka bezokuphepha, “kuyadabukisa ukuthi asisaphephile ngisho sisemakhaya ethu.”
Lokho kuvele kwathinta baningi bakuleli. Iningi likhombise ukumncoma ngesibindi abenaso ngokukhuluma ngalolu daba, kanti abanye bathi abangavumeli lokhu kubamise ekwenzeni umculo yize noma ukutshontshelwa kubabuyisele emuva.
NgoMsombulo, bobabili laba bakhiphe umbiko ochaza kabanzi ngokuthi baphume kanjani kulokhu ababebhekene nakho, baqhubeka badlulisa ukubonga kulaba ababasizile.
“Sisathola usizo lwasemtholampilo njengoba sidlula esigabeni sokusizakala ngokwenyama nangokomoya, lokhu okwenzekile kusibuyisele ithemba kumpakathi wethu,” kulanda yena.
Uthe bazibophezele ukusebenzisana nabomthetho ukuqhuba ukuphenyo malungana nokubehlele, wadalula nokuthi ikhona imininingwane asebeyitholile ngomunye wabenzi bokubi.