UMCULI we-jazz, uNduduzo Makhathini, owayenandisa kwiCape Town International Jazz Festival nonyaka
Image: Instagram/@ndunduzomakhathini
KUMENYEZELWE izinsuku zangonyaka ozayo okuzobanjwa ngazo indumezulu iCape Town International Jazz Festival (CTIJF) kwavulwa namathikithi kwabafuna ukuzihlelela kusenesikhathi.
Umcimbi uzoba seCape Town Convention Centre ngoMashi 27 usongwe ngakusasa ngoMashi 28.
Amathikithi anesaphulelo sika-25% njengoba ebiza intengo yawanonyaka isikhathi esikaliwe. Atholakala eTicketmaster ngemali eqala ku-R788.50 usuku olulodwa okanye no-R1 237.50 impelasonto yonke.
Ngaphansi kobuholi bukaShaakirah Adams, umcimbi uzobuya ngegiya elihlukile kwazise uzokwendlalelwa ngehlukene unyaka wonke.
Kuzoba nowabantu abasha be-jazz ongakaqinisekiswa igama lawo, izinkundla zokucobelelana ngolwazi, inkundla yokuxhumanisa abaculi base-Afrika nabasemkhakheni womculo emazweni omhlaba, ukubambisana nemicimbi efanayo emhlabeni jikelele nokunye.
Kuzoqokwa nethimba elihlanganisa abaculi, abadidiyeli, izazi zamasiko nezifundiswa ezizosiza ukushayela lolu shintsho.
Ushintsho lwakhelwa phezu kwesisekelo esiqinile sikaDkt Iqbal Survé nezinhlangano zomndeni wakhe asebeneminyaka beseka ukufunda ngomculo nokuthuthukisa abantu abasha ngezinto okubalwa kuzo i-Edujazz, Sekunjalo Music Awards, Sekunjalo Music Academy nemifundaze kubaculi abasafufusa.
“Ifestivali ayimayelana nokujabula kodwa ngeyokwakha imisebenzi, ukugqugquzela abantu abasha, ukwakha imboni yomculo nokuhlanganisa i-Afrika namazwe omhlaba,” kusho uSurvé.
Related Topics: