UParas 'Sibalukhulu' Dlamini osanda kukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ngqa Ingoma Busuku
Image: Instagram
UTUSA abaculi be-jazz abahlonishwayo uLinda Sikhakhane noNduduzo Makhathini ngokumtakula umculi uParas "Sibalukhulu" Dlamini owase ethathe isinqumo sokuwuyeka umculo ngenxa yokungachumi.
UParas, ogama lakhe lokuzalwa nguSiphamandla Dlamini, wayeqopha esitebeleni sikaDJ Tira i-Afrotainment. Ngo-2018 wakhipha ingoma eshaya ngesigqi somdanso ethi Qondi wapikwa nakwezinye zabaculi bakulesi sitebela.
“Ngaphakathi kimi ngangikholwa wukuthi iQondi yingoma emnandi kodwa ngabona sengathi abenzekanga ubulungiswa kahle ekuyiphusheni. Izinto ezinjalo zikwenza utheneke amandla kwathi kusenjalo kwaqubuka neCovid-19,” kusho uParas okhulele KwaMashu nasoLundi.
Uthe kungaleso sikhathi lapho wafonelwa khona wuLinda noNduduzo abamnqoba khona esehleli bamphoqa ukuthi aye nabo e-studio eGoli.
Yize ayengasayenzi i-jazz kodwa wabuyela kuyo ngenxa yabo.
“Umculo ngiwuqale ngimncane ngidlala ama-drums esontweni. Ngase ngibona ukuthi ngiyakwazi ukubhala angivuleleke ngokomsebenzi kunokulinda ukuthi abantu bangiqashele ama-drums. Ngiqale ngo-2010 ukucula ngalokhu ngiqhubeka ngibhulela amazolo oZakes Bantwini noRingo. Ngo-2013 ngihlale nobaba uThemba Mkhize eGoli ngabuya ngo-2015 ngoba umfowethu waphathwa yizinso. Kahle hle mina ngiyisithunywa somculo,” kuchaza yena.
UParas usanda kukhipha i-albhamu yakhe yokuqala Ingoma Busuku ngaphansi kweSkay Music kaLinda.
Uthe ididiyelwe wuNduduzo kuthi uMbuso Khoza abe wumdidiyeli wamaphimbo.
Uphinde wasebenza noMondli Ngcobo, Ndabo Zulu noCameron Ward.
“Yi-albhamu engayiqopha ngo-2023 ngesikhathi ngiyingxenye yeqembu likaLinda Sikhakhane iSA/Swiss Celebration Group eyayinomjikelezo. Kuyona ngasebenza namabhendi amabili enye yaseSwitzerland nenye yaseFrance. Kule albhamu ngikhuluma konke okusemqondweni, enhliziyweni nasemoyeni. Iqhakambisa uNkulunkulu nethongo. Ikhuluma ngazo zonke izinto ezisikhungethe njengabantu base-Afrika. Igqugquzela nokuhlehla kancane emadolobheni sibuyele emakhaya siyokhokha umoya ngokuxhumana nemvelo,” kuchaza lo mculi owaqala ukuyethula phesheya.
Njengamanje yena noLinda banomjikelezo obizwa ngeKwaNongoma. Uzoqala eBasemend, eBraamfontein eGoli ngo-Agasti 17.
“Sibalekela ukuthi kube wumcimbi wokwethula Ingoma Busuku ngoba sifuna ube nenqubekela phambili. Sibheka izihloko ezahlukene ngoba KwaNongoma yindawo yengoma, yindawo yobungoma futhi yindawo eyisizinda saKwaZulu. Sizobe sidlala izingoma zeNgoma Busuku nezingoma zeLadi (igama le-albhamu kaLinda asanda kuhlabana ngayo ngendondo kumaMetro FM Music Awards).”
Related Topics: