USIYABONGA Ndlovu, ongasekho, (owesithathu ngakwesokunxele) ushuthe okokugcina nozakwabo ngesikhathi benandisa oLundi ngoMgqibelo
Image: Sithunyelwe
IQEMBU lowokholo Abanqobi libonga ukwesekwa ukufa kugadla kuphindelela kulo njengoba ngoLwesibili ekuseni kudlule omunye wabasunguli uSiyabonga Ndlovu ogule isikhashana.
USiyabonga, obebuye aziwe ngoGasi noma uSpikili, uqale ukugula emasontweni amathathu edlule, ngokusho kukazakwabo uMandla Ntuli.
"Kumbambe isigubhukane nje. Leli sonto esikulo ngelesithathu ngoba besilokhu sithi wumkhuhlanyana. Ubelokhu ekhala ngama-ulcer sithi akadle u-ice cream ngoba sasizwa kuthiwa uyasiza," kusho uMandla.
Uthe ubuye wakhala ngeqolo wase emeluleka ngokuthi aye emtholampilo ukuze adluliselwe esibhedlela lapho ezofike ehlolisiswe khona yonke into okuhlanganisa nezinso.
"Esibhedlela bathole ukuthi iBP yakhe iphezulu base bemfaka i-drip. Bekubuye kube sengathi ungcono kuphinde kuvuke futhi kwagcina kumenele," kusho yena.
Uchaze uSiyabonga (43), odabuka eMlaza, njengomuntu olalelayo futhi obehlonipha.
"Besibizana ngobafo ngoba iyona ndlela abehlonipha ngayo. Ubenenhliziyo encane ngoba uma usukhuluma into angayizwa kahle ubesheshe akubeke endaweni. Okunye ngaye wukuthi ubelithanda iqembu. Salisungula naye kuwuLwesibili kwathi ngoLwesithathu sacula okokuqala emthandazweni esikoleni eZwelibanzi High eminyakeni engu-26 edlule," kuchaza uMandla othe bagcine ukucula ndawonye oLundi ngoMgqibelo.
USiyabonga, obecula ibhesi ushona nje, akukapheli nonyaka kushone omunye wabaholi balo uSibusiso Zulu ngo-Okthoba nyakenye.
UMandla uthe bagqemeke engeqiwa ntwala.
"Sisenesilonda esisabhibha sesiphinda siyagqemeka. Siduduzwa wukwesekwa esikutholayo futhi siyakubonga ngoba kuyakhombisa ukuthi asisodwa kule nto. Sithi abantu abaqhubeke beseseke bewuthenge umculo wethu ngoba abaningi bethu baphila ngayo le nto yomculo."
Leli qembu elicula ngaphandle kwezinsimbi lisanda kukhipha i-albhamu iThe Journey Continues. Muva nje lengeze namalungu amabili amasha njengoba kunamanye ashiyile.
"Sesibatholile abasha noma singakabethuli. Nakhu manje sesivelelwa yilokhu osekuzomele sibonisane ukuthi sizomisa kanjani. Inkinga wukuthi abasiqashayo bayakhala bathi abasijwayele uma siyisigejane. Babona sengathi siyabarobha uma sibancane esiteji."
USiyabonga ushiye emhlabeni abafowabo nodadewabo, abashana nezingane zakhe ezimbili. Izinhlelo zomngcwabo azikaphothulwa.
Related Topics: