Ezokungcebeleka Umculo

UNtencane ‘nesihe sokunikela’ emndenini kaMjikijelwa

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI kamaskandi uNtencane uzohlonipha uMjikijelwa nge-albhamu ethi Khotha La

Image: FACEBOOK/SENZO NTENCANE WAMAGITARA

OMUNYE wabaculi bamaskandi abangaconsi phansi uSenzo Zondi owaziwa ngelikaNtencane endimeni yomculo, usedalule ukuthi usenqume ukwenza uhlelo ahlose ngalo ukuthi anikele emndenini wowayeyisilomo somculi uSibongiseni Ngubane owayedume ngelikaMjikjijelwa noma Ichalaha LikaShafuza, owashona ngoMeyi wango-2018.

UNtencane udalule lokho engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto mayelananezinhlelo ze-albhamu yakhe yesihlanu esihloko sithi Khotha La, ezophuma ngoLwesihlanu ngoJulayi 25, adalule ukuthi usevumelane nomndeni walo mculi ukuthi yonke inzuzo azoyenza ngokudayisa nokulalelwa kwayo, anikele ngayo kuwona.

“Lokhu kuyindlela yami yokumkhumbula nokumhlonipha ngenxa yeqhaza alibamba emculweni nokuningi komculo engikhule ngikufunda kuyena njengoba nami sengikuleli zinga engikulona manje ngobuciko bami esengikwazi ukuziphilisa ngakho. Kungijabulisile kakhulu ukuthi umndeni wakhe unginike izibuziso sokuqhuba lo mbono ngoba kuyisifiso sami ukuwubona uthuthuka futhi uphilile ngoba wasizalela iqhawe endimeni,” kusho yena.

Eqhuba, uthe kwakuvele kuwuhlelo lwakhe kusukela engena emculweni ukuthi mhla wazinza kahle futhi negama lakhe selaziwa endimeni, enze into efuze lena ukukhombisa ukuthi ukuthakasela kangakanani akwenzelwa yiChalaha LikaShafuza.

“Yingakho nakule albhamu, enezingoma eziwu-14 - kukhona ingoma ethi Ngishaya I-Salute, engeyokugcina kuyona, nengizibongela ngayo kuyena ngokungipheka kwakhe emculweni ngoba ngikholelwa ekutheni ukuba akubanga njalo ngabe mhlawumbe ngagcina ngingafikanga kulesi sigaba esengikusona manje ngomculo,” kusho uNtencane.

UMCULI kamaskandi uNtencane uzohlonipha uMjikijelwa nge-albhamu ethi Khotha La

Image: FACEBOOK/SENZO NTENCANE WAMAGITARA

Uzibongele kakhulu nasemacikweni awapike kuyona oMjolisi, Mnqobi Yazo, Dulasi, Mroza noJaiva Zimnike - athi kumthobe inhliziyo ukuthi bazibophezele ukufaka isandla kulo msebenzi mahhala, bangamfuna ngisho isenti elimnyama.

Abanye abafake isandla kwiKhotha La, eqoshelwe eBazooka naseTakk Studio - wophrojusa bayo oBazooka noThuthani Ndlovu (odlale nenkostina) nabashayi besiginci oSongqongo. 

Le albhamu kaNtencane yelama amane okuqala athi Incane Lembobo yango-2021, Isivulwe Yonke yango-2023, Alingeni yanyakenye nagqame ngayo efika emculweni ngo-2019 ethi Uboya Enkomeni - enengoma ethi Wawuthembeni, ahlukanisa unyaka ngayo oKhozini FM.