U-ORNICA Dasi noSunshine Mbatha abazibiza ngeSunOrnza emculweni
Image: Isithombe: SITHUNYELWE
UMDANSI kaDJ Tira, u-Ornica Dasi, usedalule ukuthi usewunika ithuba lokugcina umculo kulandela ukuphazamiseka phambilini.
U-Ornica uzakhele udumo njengomdansi eqenjini Amadada Dancers elalidansela abaculi basesitebeleni sikaTira, i-Afrotainment. Wayedansa noSlenda Da Dancing DJ, Sgaqa noMbali asebesele bobabili eqenjini.
Emuva kwalokho uphume wazimela washeba umculo nomdanso njengoba epikwe engomeni kaTira ethi Abangani Abawu-4 nakwi-albhamu kaPrince Bulo ngaphambi kokunyamalala ekuculeni.
"Eqinisweni bengizama ukuqopha kodwa yikho ukuthi bekungesona isikhathi sami noma akekho obekuthathela phezulu ebengikwenza kwaze kwafika ekutheni ngiphonse ithawula. Okunye wukuthi ngakhulelwa (ingane esinezinyanga ezingu-15) ngase ngiyadembesela ngokucula," kusho u-Ornica.
Uthe ukungavumi kwenhliziyo ukuthi awuyeke umculo kumenze wabuyela. Usanda kukhipha i-EP enezingoma ezinhlanu i-SunOrnza ngokuhlanganyela noSunshine Mbatha.
Bahlanganise amagama abo bazibiza kanjalo okuyiwo futhi abaqambe ngawo i-EP.
"USunshine sihlangane naye e-Afrotainment ngoba kuthe uma ecula washaya ngendlela efana neyami. Wenze ingoma ethi Makoti Ekhishini mina ngenza iDrip Drip. UTira ube esekhetha ukuthi asikhiphe ngokuhlanganyela sabe sesenza nezinye izingoma. Ukukhipha ndawonye akusho ukuthi akasavumelekile ukwenza okunye yedwa nami futhi ngokunjalo," kuchaza u-Ornica othe akakushiyile ukudansa.
Kwi-EP bapike uCaptain, Emza, Assiye Bongzin, CampMasters, Tira, Benten nabanye.
Lo mculi owenza i-gqom uthe usewunika ithuba lokugcina umculo ngoba uma ehluleka uzowuyeka.
"Ngibona sengathi ngangingawufaki umfutho ngendlela efanele ngilinda abantu ukuthi bathi angenzeni. Manje ngifuna ukuziphusha kuqala ngoba abantu uma bebona ukuthi ngizimisele bazongeseka. Nomalume (Tira) akamphushi umuntu abona sengathi uyadlala," kusho u-Ornica.
Related Topics: