UMY Lord Mkhize odlule emhlabeni ngoMsombuluko emuva kokugula
Image: Facebook
UTHATHWE yisifo samaphaphu umculi obeyisishoshovu esilwela ukuthi amaciko asafufusa anikezwe ithuba, uThabo "My Lord" Mkhize, oshone ngoMsombuluko.
UMy Lord (49) ugqame kakhulu ngenhlangano yakhe, Imbumba, ebikhulumela amaciko ukuthi anikezwe amathuba ezindaweni zangasemakubo KwaZulu-Natal.
Indodakazi yalo mculi waKwaMashu odume ngezingoma okubalwa kuzo ne-39 Dockets, uNobuhle Magubane, ithe uyise ubebukeka esengcono ngoMgqibelo.
"Bekumbamba kubuye kumyeke ukugula kodwa ubeziqinisa. Kwatholakala ukuthi unamanzi emaphashini ngoJuni wonyaka odlule, kwavela nenkinga yezinso. Ngenyanga edlule uthe uma enza i x-ray kwatholakala amanzi futhi. NgoLwesibili wawa wabe eseya ePolly Clinic bamdlulisela eKing George (King Dinuzulu) lapho efike waphelela khona," kusho uNobuhle.
Uthe ngeSonto wambamba isandla ezama ukukhuluma kodwa kungasavumi. Uthe uyise ubeyikho konke kuye kanti ushiye emhlabeni ubabekazi wabo, udadewabo nomfowabo.
"Angikwazi ngisho ukuchaza ngoba uyidlalile indima yakhe yokuba wubaba kusuka ekuqaleni kuze kube yimanje. Ungikhulise eyedwa futhi engenalutho, konke ekwenzela mina. Ayikho into abehlale eyicabanga ngaphandle kwami ngoba ngisho enabangani bakhe ubehlale ekhuluma ngami," kusho yena.
Umchaze njengomuntu obeyibeka injengoba injalo into, engakufuni okubheke eceleni.
Lokhu kufakazelwe wuT'zozo onguSihlalo womfelandawonye wezinyunyana zamaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA) KwaZulu-Natal.
UT'zozo namanye amaciko okubalwa kuwo uDJ Sox noDJ Sobz, bahlanganise amehlo nomndeni beyobhonga emswanini.
"Sibuhlungu njengesifundazwe ngoba ubambe iqhaza elikhulu emkhankasweni wokuthi amaciko endawo anikwe amathuba. UMy Lord ubengalisabi iqiniso, noma kunjani ubelikhuluma linjalo engenandaba noma kukhona isikhulu esithize. Obekusenhliziyweni yakhe bekuwukusiza abaculi abasakhula," kusho uT'zozo.
Uthe wabamba iqhaza ekutheni kuMasipala weTheku, ophikweni lwezokuvakasha abathola uxhaso lokwenza imicimbi kulo, batshelwe ukuthi bangabashiyi abaculi bendawo. Uthe bahlela ukuthi inkonzo yesikhumbuzo ibe ngoLwesine eKCap KwaMashu yize izinhlelo zingakaphothulwa.
"Siyobona umndeni besihamba noWanda Jaca weBlack Business Federation sihlela naye. Inkonzo yomngcwabo izoba ngeSonto. Besisazama iSports Centre KwaMashu," kusho uT'zozo.
Related Topics: