ISIHLABANI somculi wokholo, u-Ayanda Ntanzi, ejabulisa abantu emcimbini wakhe obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
AMAKHAZA abeshubisa umnkatsha futhi ehambisana nomkhizo okubuza ukuthi ungubo-ngaki, akuziphazamisanga izinkulungwane zabalandeli bomculo abebehambele umcimbi wesihlabani somculo wokholo, u-Ayanda Ntanzi, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku.
Lo mcimbi, obubuya ihlandla lesibili nonyaka njengoba lo mculi ayewenze okokuqala nyakenye, egcwalisa i-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre, nakuba ubambezeleke cishe ngehora lonke ukuthi uqale njengoba bekumele uqale ngo-6 ntambama - kubonakele kungabakhubi nhlobo abebewuhambele, okukhombise ukuthi bebewulindele ngabomvu.
Kusalindwe ukuthi umcimbi uqale - izethameli zifakazele itemu lamakholwa lokuthi umfundisi ulindwa ngeculo, ngokulokhu zicula izingoma ezahlukene zalo mculi okukhona kuzona ethi Imimoya Ngemimoya nethi Uze Uyigcine Impilo Yami.
IZINKUMBI zabantu abadele amakhaza bathamela umcimbi womculi wokholo, u-Ayanda Nyanzi, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku
Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
Emva kokugamanxa kwehora lesikhombisa, kuchwaze inkundla esengena u-Ayanda samuntu ofikela ukuxolisa ukubambezelaka ukuqala komcimbi, kanti usuzoqala ngesitayela.
Uthe: "Ngenxa yokuthi senginihlalise kakhulu nilinde ukuthi umcimbi uqale, ngibona kungcono ukuthi ngixolise ngokuthi Wehlukile Awulinganiswa." Esho eqala umhlabelelo, 'kwahlanya' abantu - kwaba wukuqala komcimbi.
Uqhubeke kanjalo ejabulisa abantu ngamaculo ahlukene okubalwa nelithi Bayede.
Uqhulule namanye amanoni ahlukene wamabandla ahlukene okubalwa nesihlabelelo samaNazaretha esithi Ludlawu LweZulu. Kube ngathi uyabona ukuthi kukhona nezithameli ezingamaZayoni ngenkathi eseshaya inoni lawo elithi Hlomani Izikhali nelithi Jesu Wami ngiyakuthanda.
ISIHLABANI somculi wokholo, u-Ayanda Ntanzi, ejabulisa abantu emcimbini wakhe obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
Kuwo futhi lo mcimbi uqophe bukhoma ingoma entsha kaJumbo, abayishaye naye e-stage ukujabulisa abantu, kanti futhi kube njengoba ayethembisile ukuthi umcimbi uzowuphetha ngo-12 ebusuku njengoba evalelise e-stage sekusele imizuzu emihlanu ukuthi kuhlukane ubusuku.
Umcimbi usaqhubeka ubelokhu enyamalala ukuyoshintsha, akhokhe umoya, bese ebuya ezokwenza adume ngazo.
UMCULO ubuhambisana nomkhuleko emcimbini wesihlabani somculo wokholo, u-Ayanda Ntanzi, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo
Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS
Related Topics: