Ezokungcebeleka Umculo

Umaskanda nenselelo yesibonelelo sokuhlonipha amatshitshi

Simangaliso Ntshangase|Published

UMCULI kamaskandi uThabani Nxumalo nekhwelo kuhulumeni ngodaba lwamatshitshi

Image: SITHUNYELWE

UMCULI kamaskandi waseNdwedwe uThabani Nxumalo usephosele uhulumeni inselelo yokuthi usungule isibonelelo sanyangazonke sokuhlonipha izintombi nto, esizokwenza ukuthi zihlale zizigcinile futhi ziziphathe kahle isikhathi eside zigcinele umshado.

UThabani uphonse le nselelo ngengoma yakhe ethi Imali Yenkomo, eyisihloko se-albhamu yakhe ephume ngenyanga edlule, athi iyindlela akhalela ngayo amatshitshi ukuthi kube khona akutholayo kuhulumeni ukuwabonga nokuwakhuthaza ngoba eziphethe kahle.

"Kuyakhathaza ukuthi uhulumeni wethu uba nezibonelelo ezahlukene, kubalwa nezinikezwa abesifazane asebezele kepha asikho esiqondene nezintombi nto, ukuzibonga nje nokuzikhuthaza ngoba zisaziphethe kahle esikhathini esiphila kusona manje lapho amantombazane esekhulelwa ubuthaphuthaphu esemancane ngenxa yothando lwemali, engibona ukuthi uma kungaba khona eqondene namatshitshi, kungehla izigameko esizibona zenzeka zamantombazane ajola nabantu abadala abanemali," usho kanje.

Kule albhamu, enezingoma eziwu-14, uthe ugabe ngomyalezo kuphela njengoba kukhona nenye futhi ingoma ethi Sengidliwe Kakhulu, akhuthaza ngayo amadoda ukuthi ayeke ukuqonywa ngapha nangapha, kepha akhuthalele ukuthola umuntu wesifazane oyedwa amthandayo, bese eyamshada ukuze aphile impilo ngendlela ecolekile.

"Kukhona enye futhi ethi Paper Two, ekhuluma ngobungozi bokushiya umuntu osuke uthandana naye ngoba enenkinga ethile, ungazi ukuthi lapho uqhubekela khona uzofika ubhekane nezinye izinkinga ezinkulu ukwedlula obubhekene nazo ekuqaleni," kusho uThabani.

UMASKANDA uThabani Nxumalo nendodana yakhe ayipkile kwi-albhamu uZigizendoda

Image: SITHUNYELWE

Kule albhamu eqoshwe eDowntown Music Hub kaMzamo Ndlovu, uThabani usebenze namaciko okukhona kuwona oZigizendoda, Qaagela noGadla Nxumalo - okuwuye futhi oyiphrojusile. 

Imali Yenkomo yelama ama-albhamu kaThabani amane okuqala athi Inunu Engafi yango-2019, Sibhul' Amazolo yango-2020, Impakamo ephume ngo-2022 nagcine ngayo ngo-2023 esihloko sithi Ayiphume Inunu

Ushaye indesheni kubahleli bemicimbi wathi mabayeke ukushalazela amaciko angakadumi kakhulu, wath lokho kwenza kube nzima ukuqhuba umculo wabo ngendlela abafisa ngayo ngoba imali eningi itholalakala ngokuqashwa emicimbini ehlukene.