UDJ Merlon ohlela umcimbi we-Afro House I-Anywhere in your City
Image: Sithunyelwe
INDLELA yomcimbi i-Anywhere in the City isibheke enkundleni iMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngokusho komhleli wayo uDJ Merlon.
UMerlon ukusho lokhu kulandela ukugcwala phama kwenkundla yekhilikithi iKingsmead Cricket Stadium, eThekwini, ngeSonto lapho bekubanjwe khona lo mcimbi.
Bekungokokuqala lo mcimbi we-Afro House usingathwa kule nkundla.
Le ndumezulu obekungokwesikhombisa iba khona, yaqala e-On Point Waterfront, yadlulela eBlue Lagoon ngaphambi kokuya ePeople’s Park njengoba ibiseKingsmead nje.
“Indlela iphokophele eMabhida manje ngoba izindawo ziya ngokuya ziba zincane. Sekucacile ukuthi yinye inkundla engasithwala eThekwini, yiMabhida. Iyona esisemqondweni ngoba umcimbi uya ngokuya uyakhula,” kusho uMerlon.
Emcimbini wangeSonto bekuboshelwe uCuloe De Song, Zakes Bantwini, Kelvin Momo, Sun-El Musician, Oskido, Morda, Fka Mash nabanye.
Uthe kuningi okuheha abantu emcimbini yingakho ulokhu udlondlobala.
“Abantu bayayazi i-Anywhere ukuthi ayikaze iphoxe. Ivele yaba sezingeni esingakaze silibone eThekwini. Yonke into ihambe ngokohlelo ngenxa yethimba elinobuchule esisebenza nalo ngoba liphethe abantu asebemnkatshubomvu ekuhleleni imicimbi. Lokho kuyangisiza ngoba ngisho noma kuqhamukani iphebezeka kalula. Abantu bathanda ukuthi bonke oDJ bafika njengoba beqashiwe. Kuyajatshulwa akukho bugebengu ngoba ezokuphepha zisuke ziqinile. Abahambela umcimbi bawumndeni bayavikelana akekho ocabanga into ethe phecelezi,” kusho uMerlon othe ujatshuliswe wukufika nabakwamanye amazwe.
Uthe njengamanje usezoqala izinhlelo zomcimbi ozoba ngoDisemba 16, endaweni abangeke baze bayisho okwamanje.
Lo DJ wodumo lwengoma ethi Koze Kuse ayishaya noMondli Ngcobo, ubuye wadalula ukuthi usekulungele ukukhipha umculo omusha.
“Bengikhipha phesheya kodwa hhayi lapha ekhaya ngoba bengimatasa namanye amabhizinisi nokuhlela imicimbi. Sengibuyelile e-studio futhi ingoma yami yokuqala kuzoba engiyenze noZawadi Yamungu ethi Muhle, abantu sebeqalile ukuyizwa futhi bayayifuna. Izophuma ekupheleni kuka-Agasti.”
Related Topics: