ISILOMO somculo wokholo uThinah Zungu
Image: Sithunyelwe
UMCULI wowokholo ophinde abe wumfundisi uThinah Zungu, uveze ukuthi uhlelo lwakuMzansi Magic, obelukhombisa ngempilo yakhe nomndeni wakhe, iThinah SingoZungu lumfake kokukhulu ukukhuluma ngenxa yokubonakala kwenyanga uDr Khehlelezi.
Uhlelo lukaThinah luphele maphakathi nenyanga edlule.
Uthe yize ejabule ngendlela isizini yokuqala ehambe ngayo kodwa ifike nezingqinamba eziningi.
“Sesilinde izinsuku zokuqala ukuqopha isizini entsha engicabanga ukuthi izoqala ngonyaka ozayo. Isizini ihambe kahle. Ibe yimpumelelo kodwa ifike nezingqinamba eziningi kubantu nokungaqondi kahle ngokubamba iqhaza kukaDr Khehlelezi kuyona,” kusho uThinah.
Uthe:“Akuhlalanga kahle ukubonakala kwakhe kule sizini. Le nto yenze ngachaza kakhulu kodwa sizamile ukuthi siyibeke indaba injengoba injalo. Abaningi baphazamiseka ngokubona umfundisi ezwana nomuntu oyinyanga.”
UThinah, owaziwa ngamancoko kuFacebook, umatasa ulungiselela ukuqopha bukhoma i-albhamu yakhe entsha. Umcimbi uzoba se-Izulu Theatre eSibaya Casino kusuka ngo-7 ebusuku ngo-Agasti 22.
“Ngokwesibili ngiqopha bukhoma ngoba okokuqala ngakwenzela eGoli. Bakhala kakhulu abantu ngalokhu kodwa nganginazo izizathu eziningi nakulokhu ibinakho ukungiphoqa ukuyiyisa eGoli. Kwesinye iiskhathi uma usekhaya awukwazi ukusabalala ngokwezilimi ngoba ekhaya sinabantu abangamaZulu kuphela. Uma ucula ezinye izilimi kuba nenkinga akuphumi kahle ngoba abantu abakuniki lo mfutho owufunayo uma usesteji. Umsebenzi wethu usabalele izwe lonke nakwamanye amazwe ngakho sisuke sifuna ukubaculela nangezilimi abaziqondayo,” kuchaza uThinah.
Uthe uma eseqopha uzoxuba “ngendlela emnandi” azifake nezinye izilimi ngenhloso yokufundisa abalandeli bakhe.
Udalule ukuthi uzoxuba izingoma ezintsha nezindala.
“Ngiwumuntu othanda ukubhala kodwa ngizovuselela nezingoma ezaziculwa kudala kodwa ngizicule ngendlela yesimanje ngoba sigcizelela umyalezo eziwushoyo. Kunegenge endala eyaye ithi icabanga ukuthi ngingayicula kangcono ingoma ethile. Kukhona nesizozithatha kuma-albhamu ami akudala esaziqopha e-studio bese sizenza bukhoma.”
Uqhube wathi ubecabanga ukuqopha yedwa bukhoma esithe ngoba efuna ukugxila emculweni kodwa wabuye wakhetha ukuvumela abantu.
“Bengingafuni ukugcina sengigxile ekumaketheni umcimbi ngikhohlwe wumculo. Ngiyazi abanye bayakhala kodwa uma siqeda sizothola indawo evuleleke kakhulu sihlanganyele ndawonye. Esikuyo incane imumatha abantu abangaphansi kwenkulungwane kuphela.”
Uthe uzoqopha ehamba nendodana yakhe uNdumiso, uJumbo nabanye ake wasebenza nabo phambilini okuwuMqapheli noBongani Mchunu.
Amathikithi aqala kuR200 eTicketpro.
Related Topics: