Ezokungcebeleka Umculo

Kufezeke iphupho likaDJ Zinhle ngoSweet Guluva

Fanelesibonge Bengu|Published

USWEET Guluva owanqoba iBig Brother Mzansi upikwe engomeni kaDJ Zinhle ecula ngaye

Image: Instagram

KUFEZEKE inhloso likaDJ Zinhle eqopha ingoma nesilomo uSweet Guluva owanqoba iBig Brother Mzansi ngoMashi.

USweet Guluva, odabuka eNquthu, waphenduka isilomo ngokunqoba iBig Brother Mzansi kuMzansi Magic, wahlabana ngoR2 million.

Umkhankaso wokuthi avotelwe wawusabalale nasezinkundleni zokuxhumana esekwa wosaziwayo okubalwa kubo uDJ Zinhle.

UZinhle waqopha i-video kwiTikTok lapho athi ukhulume nonina kaSweet Guluva uBongiwe Zwane, athi wayefunda naye futhi behlala ezindlini zabafundi ndawonye.

“Ngimtshelile ukuthi sinoKwazi (Nokwazi Dlamini) sinenhloso yokuqopha ingoma futhi sifuna ukupika uSweet Guluva. Akakaphumi endlini okaBig Brother okwamanje kodwa ngiyanazisa ukuthi yizona zinhlelo esiphezu kwazo,” washo kanje uDJ Zinhle ngesikhathi uSweet Guluva esengaphakathi endlini.

Kule mpelasonto umemezele ukuthi ingoma iSweet Guluva, izophuma ngoJuni 6. Uyenze ngokubambisana noNdloh Jnr bapika uNokwazi noSweet Guluva.

UDJ Zinhle ozokhipha ingoma entsha ngenyanga ezayo

Image: Instagram

Ingoma icula ngaye uSweet Guluva osengena ezinyathelweni zikayise ongasekho uWaya 77, naye owayengumculi.

“Umuntu onjani lona ohlanyisa umhlaba wonke madoda. Sweet Guluva,” kusho izinhlamvu zikaNokwazi.

Abantu bakhombise ukuba nemibono ehlukene ngayo.

KwiFacebook uDimpho Gift Thagane uthe uGuluva ubusisiwe akakaze ayibone into enje phambilini.

UMolaolwa Tshepi Ketshepile uthe: “Ngeke sisi cha… Ngiwumlandeli omkhulu kaSweet Guluva kodwa le ngoma angiyizwa kahle.”

UDJ Zinhle umphendule ngokuthi kuzobonakala.