Ezokungcebeleka Umculo

Bahamba noMacG okuthiwa uchithwa yiDStv

Fanelesibonge Bengu|Published

UMacG wohlelo iPodcast and Chill with MacG

Image: Youtube

BAHLUKENE phakathi abantu ngesinqumo seDStv, sokuqeda ubudlelwano bayo nePodcast and Chill with MacG.

NgoMashi kwenziwe isimemezelo sokuthi ama-podcast amaningi adume kwiYouTube, asezodlala kuMzansi Magic nakuMzansi Wethu kusuka ngo-Ephreli.

Phakathi kwawo kubalwa iPiano Pulse Against the Wall Podcast with Skeem GP, Open Chats, Spreading Humours ne-Awkward Dates with Lasizwe.

Izolo elinye lamaphephandaba esiNgisi aphuma ngeSonto libike ukuthi ubudlelwano buyaphela kulandela umsindo ngenkulumo uMacG ayisho ngomethuli wezinhlelo ophinde abe wumlingisi, uMinnie Dlamini.

IMultichoice ayikuqinisekisanga ukuphela kobudlelwano ngaphandle kokuthi isebenzisana neLeading Edge Growth, okuyiyo ehlanganisa ama-podcast.

Isikhulu seLeading Edge Growth uLufuno Maliavusa, sicashunwe sikuqinisekisa ukuphela kohlelo.

UMINNIE Dlamini okwasuka umsindo ngenkulumo eyenziwa wuMacG ngaye

Image: X

Emasontweni edlule kube kukhulu ukukhuluma kulandela isiqephu sohlelo lukaMacG kwiYouTube lapho ayephawula khona ngokuhlukana kukaMinnie nobeyisoka lakhe uBrian Monaisa.

UMacG wathi mhlawumbe kukhona okungahambi kahle ngaye.

“Mhlawumbe intombazane yakhe iyanuka,” kusho uMacG.

Ozakwabo bakhuza ibhadi kodwa yena wathi kuyenzeka ikakhulukazi “kula mantombazane amahle”.

Le nkulumo ayehlangana kahle kwabaningi njengoba kwaze kwangenelela nosaziwayo namalungu ePhalamende.

Emasontweni amabili edlule ugcine exolisile uMacG.

“Kwakungeyona inhloso. Uyazi asisho izinto ngoba sifuna ukugxibha abantu. Ngithanda nokumema uMinnie Dlamini. Ngifuna ukumumema ohlelweni, wamukelekile ukuza ohlelweni. Le nto iqale ohlelweni, asiyiphethe khona. Kunezinto azisho nami kunengazisho. Asiyivale ingunaphakade,” kusho uMacG.

Emva kokuxolisa, uMinnie, obengakaze athi vu, wakhipha isitatimende ethi uMacG uthume ummeli wakhe ukuthi axolise kodwa uzoqhubeka nokuthatha izinyathelo zomthetho.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu baphawulile ngalesi sinyathelo.

UNorma Kay ku-X uthe iDStv idinga uMacG hhayi ukuthi uyena oyidingayo.

“Empeleni uMacG uyakwazi ukwenza iminyakazo. Uyakwazi okumele akwenze ukuze athole abalandeli abaningi. Futhi ukwenzile, iDStv kumele ibone ukuthi uMacG uyisebenzisele ababukeli bayo, bekuyisenzo sebhizinisi,” kusho uThe Broke Neighbourhood.

UMr Ayee uthe yizindaba ezinhle futhi kumele kuqedwe ngoMacG. Uthe iYouTube kumele ikhiphe isiteshi sakhe.

UK2 uthe uMacG ubengayidingi iDStv ngoba ubekhona futhi ngenxa yokweseka isiteshi sakhe, useyinqamulile inkontileka yakhe neDStv wanxenxa nabanye ukuthi benze okufanayo.

UNotPersonal naye uthe useyivalile i-akhawunti yakhe neDStv ngenxa yokuqedwa kohlelo lwakhe.