Ezokungcebeleka Umculo

Bazogezeka ubebebe abazifela nge-ATM

Charles Khuzwayo|Published

ISIHLOKO: DIY3

UMCULI: eMtee

UHLOBO: Hip Hop/Rap

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

IGCAGCELE esokeni kubathandi bomculo kaMthembeni "eMtee“ Ndevu njengoba i-albhamu yakhe yesine, ayiqophe e-studio, igcine iphumile.

Iphuma nje le albhamu kuke kwaba umzukuzuku, kubanjwa kuyekwa phakathi kuka-eMtee nenkampani aseqopha ngaphansi kwayo, i-Empire, emuva kokusebenza ngokuzimela.

Empeleni lo mrepha waseMatatiele wafike wamba umgodi kwi-hip hop nge-albhamu ayiqamba ngenkosana yakhe u-Avery njengoba yayigabe ngenoni elithi Roll Up nelithi We Up. Ngalithanda futhi inoni elalithi Pearl Thusi, Abantu, Friends ne-Roll Up Re-Up.

Ngaleso sikhathi wayesasebenzisana ne-Ambitious Entertainment. Sekungumlando ukuthi ubudlelwano babo abuphelanga kamnandi. Okungenza ngiveze lokhu ukuthi kule albhamu zikhona izingoma ezimnandi kodwa azikho eziphuma zithi qekelele. Sengisho, ecishe incike kwi-Roll Up.

Kudingeka ukuba uze ube wumlandeli wakhe ukuze uhlabeke umxhwele ngaleli cwecwe. Khona usezwa ukuthi ushaya isigqi se-African Trap Music (ATM).

I-ATM isigqi esidunyiswe kakhulu nguSjava, eMtee noSaudi futhi esididiyelwa kakhulu uphrojusa uRuff Nkosi.

Nakuba kunjalo ezingomeni ezingu-11 ezizokugeza ubebebe ngezithi Wake Up, Believer, Patience, Keep It Real, Good Time, Lil Nigga, War nezinye. Kwabapikiwe kukhona uSaudi, Nanette noJust G.

Ikhava ingichazile ngoba inezingane zakhe, okungu-Avery, Logan nothunjana uKenya. Lokhu kuveza uthando u-eMtee analo ngezingane zakhe.

Ngakho uma uzifela ngesigqi se-ATM, noma kanjani kuzofanele uzitholele leli cwecwe.